UNKSZ Nightingale Khanye nengxenye yabasebenzi basenkampanini yakhe i-Dowo Cleaning Services
Image: SITHUNYELWE
UKHULISWE wugogo nonina abebengabasizi basezindlini, lokho kwenza ukuthi aqonde ubunjalo balo msebenzi futhi wabona nokuthi yiziphi izintuba namathuba okukuwo, nokuthi yimaphi amasu nokwehlukile angakwenza ukucaba indlela yokuhluka nokuthuthuka kuwona.
Waqala kanjalo umcabango webhizinisi lokuhlanza kuNksz Nightingale Khanye, umnikazi weDowo Cleaning Services - inkampani eyenza imisebenzi eyehlukene yokuhlanza izindlu, izitolo, amagceke nokunye okweyamene nalokho.
UNksz Khanye wase-Edendale, eMgungundlovu, kodwa osezinze eMbilo, eThekwini, uthe uqale ukugxila kuleli bhizinisi ngo-2014 - nokwathi esaliqhuba laphazamiseka laphela nya sekubhoke iCovid-19 ezweni, okwamphoqa ukuthi aliqale phansi.
UNKSZ Nightingale Khanye, umnikazi weDowo Cleaning Services, inkampani yokuhlanza yaseThekwini, KwaZulu-Natal
Image: SITHUNYELWE
“Size sabuya kahle ngo-2024, lapho eliqhubeke khona ngamandla ngoba vele nangenkathi liwa lalivele linamakhasimende athembekile futhi angethembayo ngenxa yomsebenzi omuhle esiwenza nsuku zonke, njengoba ngisayibambile namanje,” kusho yena.
Eqhuba, uthe ngaphambi kokungena ebhizinisini, kwathi eqeda ukuphothula u-matric ngo-2005, wazihlupha ngokufuna umsebenzi, enzela ukuzimela empilweni - wasebenza isikhathi eside ezitolo zezimpahla zokugqoka eziphethwe yinkampani i-The Foschini Group (TFG).
ABANYE babasebenzi baseDowo Cleaning Services bematasa nomsebenzi wabo wokuhlanza
Image: SITHUNYELWE
“Ukusebenzela i-TFG nakho kulisize kakhulu ibhizinisi lami lakhula ngathola namakhasimende ebengihlangana nawo emsebenzini ngiwatshele ngomsebenzi wami engiwenza eceleni, ngaze ngasizakala nangokuthi ezinye izitolo zakhona eTFG zagcina sezingamakhasimende ami okungisiza ukwenza inzuzo enkulu,” kusho uNksz Khanye.
Uthe okwamanje babiza kusuka kuR500 kuya kuR6 000 ngemisebenzi abayenzayo, kuncike ekutheni ikhasimende lidinga ukwenzelwa umsebenzi omkhulu kangakanani, wadalula nokuthi maduze bazovula igatsha lenkampani lesibili eGoli, eGauteng.
ABASEBENZI beDowo Cleaning Services bematasa nomsebenzi kwesinye sezitolo zezimpahla zokugqoka i-Relay Jeans
Image: SITHUNYELWE
“Ngale kwalokho ngiqeqesha abantu abenza imisebenzi yasezindlini ukuzebayenze ngendlela efanele, futhi ngiyabazisa ukuthola imisebenzi. Kanti manje bawu-18 abantu esengibaqashe ebhizinisini abangisiza uma simatasa kakhulu,” usho kanje.
Udalule ukuthi ukuphatha ibhizinisi kumfundise ukuthi angajahi ukwenza inzuzo ngokushesha, nokuthi uma kunemali engenayo aqaphele ukuthi uyisebenzisa kanjani, angayisebenzisi ezintweni eziseceleni ezingahlangene nebhizinisi ngoba lokho ngenye yezinto ezenza ukuthi kube lula ukuwa kwebhizinisi.
Related Topics: