Impilo Yabantu Intandokazi

Abesifazane nengqayizivele yethuba bezocetshiswa ngokuhola amabandla

Simangaliso Ntshangase|Published

KUBA kuhle kanjena uma sekubuthene abesifazane abangabaholi emabandleni abakhonza kuwona ukuzocebisana ngamasu okuqhubeka bahole ngobuqotho, emibuthanweni ehlelwa yinhlangano engenzizuzo iKingdom Women Ministry

Image: SITHUNYELWE

“BEKUHLALE kungikhathaza ukubona abesifazane ikakhulu labo abangabaholi emabandleni abo nabaneqhaza abalibambile kuwona becindezeleka, futhi bengalitholi nethuba elifanele lokugqamisa lokho, kanti-ke nami ngike ngaba sesimeni esinjalo ngisakhula, yingakho ngibe nombono wokuzama ukuqeda leso simo esibaxakile.” 

Usho kanjalo uLady Bishop Bathabile Zikhali, elandisa ngombono womcimbi awuhlelayo waminyaka yonke i-All Women For Breakfast Buffet Seminar, ozoba seRiverside Hotel, eThekwini ngoMashi 21, ngo-8 ekuseni.

ULady Bishop Zikhali, ohlela lo mcimbi wabesifazane bodwa ngenhlangano yakhe engenzinzuzo iKingdom Women Ministry, nokuzongenwa kuwona ngo-R300 umuntu ngamunye, uthe uqale ngo-2017 ukwenza imicimbi efuze lona ngenkathi eqala le nhlangano, ehlose kakhulu ukuthi acebise futhi akhulise abantu besifazane abangabaholi emabandleni abakhonza kuwona.

KUBA kuhle kanjena uma sekubuthene abesifazane abangabaholi emabandleni abakhonza kuwona ukuzocebisana ngamasu okuqhubeka bahole ngobuqotho, emibuthanweni ehlelwa yinhlangano engenzizuzo i-Kingdom Women Ministry

Image: SITHUNYELWE

“Inhloso yethu wukuhlangana singabesifazane bamabandla, sibhunge ngazo zonke izimo ezithinta thina ngqo nezenza ukuthi singakwazi ukukhululeka ukwenza umsebenzi wethu emabandleni esikhonza kuwona ikakhuliu uma sisebasha. Lokhu ngikusho ngoba nami ngike ngaba kuleso sigaba njengoba ngiqale ukuba wuMama Mfundisi ngineminyaka ewu-21, njengoba manje sengineminyaka ewu-51, futhi ngisayibambile,” usho kanje.

Eqhuba, uthe lo mcimbi uyisendlalelo somunye umbuthano omkhulu awenza njalo ngaboSepthemba njengoba owalo nyaka uzoba ngempelasonto yokuqala yaleyo nyanga endaweni abazoyimemezela ezoba sesifundazweni iMpumalanga.

“Kulona wamanje silindele ukuthi kubuthane abantu besifazane abawu-50 nangaphezudlwana kwalokho. Ngifisa kucace ukuthi lona akuwona umbuthano wabefundisi noma ababhishobhi kuphela. Uvuleleke kunoma yimuphi umuntu wesifazane onomsebenzi omuhle nowokuba wumholi ebandleni akulona,” usho kanje.

ULADY Bishop Bathabile Zikhali, umsunguli wenhlangano engenzinzuzo iKingdom Women Ministry futhi owumholi webandla iLife Abundance By The Church, elizinze eRichards Bay, enyakatho yaKwaZulu-Natal

Image: SITHUNYELWE

Uthe kula mahora amabili bebuthene uzobe enikezela ngeziyalo akholwa wukuthi zizoba wusizo ezithamelini, futhi kuzoba khona nesikhathi sokukhuleka, ukubika nokucela konke abakufisayo, bese futhi kuba nesikhathi sokujabula, bakhe ubungani nobudlelwano.

“Sijabule kakhulu ngomehluko oza nalo mbono wethu minyaka yonke. Sibheke ukuthi kuqhubeke kuye phambili, size siqhubekele senze izigcawu ezifuze lezi,” kusho uLady Bishop Zikhali, owumholi webandla i-Life Abundance By The Church, elizinze e-Aquadene, eRichards Bay, enyakatho yeKwaZulu-Natal.