Impilo Yabantu Intandokazi

Wenza impilo ibe lula komakhi abadinga amakhasimende

Simangaliso Ntshangase|Published

ESINYE sezithabathaba zemizi eyakhiwe omakhi abasebenza ne-Opulence Construction Agency

Image: SITHUNYELWE

KUKANCANE ukuthi ubone isikhangiso senkampani noma umuntu owumakhi, okwenza ukuthi umsebenzi wabo unganakeki, futhi kuba nzima kwabanye abantu ikakhulu abahlala ezindaweni zasemakhaya ukuthola omakhi abashaya into ecokeme emsebenzini wabo.

Wukuthola nokuqaphela lokho ngemboni yokwakha okwenza uNksz Kholeka Mtshali waqala i-Opulence Construction Agency. Inkampani yakhe iwusizo ngoba yenza ukuthi kube nobudlelwano obuhle komakhi namakhasimende, futhi yenze ukuthi kube lula komakhi ukuthola amakhasimende adinga ukwakhelwa izindlu nokunye okweyamene nalokho.

Elandisa Isolezwe ngaleli bhizinisi, uNksz Mtshali waseDumbe, enyakatho yeKwaZulu-Natal, uthe indaba yakhe yaqala esemncane njengoba ekhule ewumuntu okhonze ukubeka imali. Uthe waba nenhlanhla yokujwayela ukudayisa esemabangeni aphezulu, lokho kwenza ukuthi akhule ephatha imali, futhi wakwazi ukubona nokufunda ukuthi yenziwa kanjani.

ESINYE sezithabathaba zemizi eyakhiwe omakhi abasebenza ne-Opulence Construction Agency

Image: SITHUNYELWE

“Ngikhumbula nokuthi ngenkathi ngisahlala eStanderton, eMpumalanga - kunomkhulu owayewumakhelwane wasekhaya engangivame ukumvulela isango lakwakhe njalo uma ephuma ngemoto yakhe bese engibonga ngokungipha imali ngalokho. Kuthe sengifunda uGrade 8 futhi sengihlala nogogo eKranskop, ngaqala ukudayisa izinto ezincane esikoleni, konke lokho kwangisiza ngokushesha ngijwayelane nemali ngisemncane,” usho kanje.

Uthe esephothule u-matric, usebenze unyaka owodwa eyi-paramedic ngo-2017, wasuka lapho wayokwenza izifundo ze-Psychology e-University of The Free State, aziphothule ngo-2023, wabe esebuyela ekhaya esaqhubeka nempilo futhi elinde amathuba omsebenzi.

“Kwathi ngelinye ilanga ngizixoxela nomfowethu ekhaya, wangibuza ukuthi akekho yini umuntu engimaziyo okwazi ukuplastela indlu, ngangakwazi ukumsiza. Lokho kwangiphatha kabi futhi kwenza ngabona ukuthi kuyindlala kangakanani ukuthola abantu abenza imisebenzi ehlukene yokwakha ikakhulu ezindaweni zasemakhaya njengakoDumbe kanje,” kusho yena.

UNKSZ Kholeka Mtshali, umnikazi we-Opulence Construction Agency, inkampani yokwakha yaseDumbe, enyakatho yeKwaZulu-Natal

Image: SITHUNYELWE

Uthe wabona lapho ukuthi angaba yisixazululo kule nkinga emphakathini, waqala ibhizinisi lakhe aliphembe ngo-2021 - njengoba manje selinohlu lomakhi abawu-18 abenza imisebenzi ehlukene yokwakha abazinze ezweni lonke.

“Labo somabhizinisi babhaliswe ngaphansi kwebhizinisi lami, kanti kuba nemali abayikhokhayo kimina ngomsebenzi engibenzela wona wokubatholela amakhasimende ezindaweni ezihlukene abasuke bedingeka kuzona. Uma sebethole umsebenzi kuba nengxenye yemali eza kimina esiyicaphuna emalini abakhokhelwa yona,” kusho uNksz Mtshali.

Uthe okwamanje unabasebenzi abahlanu abasiza ukuqhuba umsebenzi wakhe, kubalwa nokumaketha inkampani yakhe - okumanje isinamakhasimende amaningi koBloemfontein, Standerton, Gauteng, KwaZulu-Natal yonkana naseLimpopo imbala.

UNKSZ Kholeka Mtshali, umnikazi we-Opulence Construction Agency, inkampani yokwakha yaseDumbe, enyakatho yeKwaZulu-Natal

Image: SITHUNYELWE

“Kuyangijabulisa ukubona umehluko owenziwa yibhizinisi lami emphakathini, ikakhulu ngoba umkhakha wezokwakha waziwa ngokuthi ungowabesilisa, kanti kuthobisa umoya wami futhi ukubona omakhi bethola amathuba athuthukisa umsebenzi wabo ngenxa yami,” usho kanje.

Ucebise osomabhizinisi abeza ngemva kwakhe ukuthi bangajahi ukusheshe benze inzuzo nengcebo ngawo, nokuthi bagweme ukusebenzisa imali yebhizinisi ezintweni ezingahlangene nalo, ngoba lokho ngenye yezinto ezenza ukuthi ibhizinisi liwe bhu phansi.

“Kunalokho abakhuthalele ukuthola amasu nezindlela zokulikhulisa njalo. Nami ngenza kanjalo njengoba kumanje ngiseJapan ngiyothekela ulwazi lokuthi yiziphi izindlela engingazisebenzisa ukulichumisa,” kusho uNksz Mtshali.