Impilo Yabantu Intandokazi

Ubuciko bezandla bumakhela igama kwabezindawo zokudla

Simangaliso Ntshangase|Published

KUBA kuhle kanjena uma uNksz Naledi Zondi esefundisa amakhasimende akhe ukwenza i-sip and paint

Image: SITHUNYELWE

“IBHIZINISI lidinga ukuthi uhlale unendlela namacebo okuthi likusebenzele futhi lingenise nalapho okungalindelekile khona ukuze ungasweli amakhasimende futhi ulisimamise ngenxa yokwehluka kwakho kunokwenziwa ngoncintisana nabo.”

Usho kanje uNksz Naledi Zondi, umnikazi weNaledi Arts & Motion Studios, elandisa ngenye yezinto ezenza ukuthi ibhizinisi lakhe lobuciko bokusebenzisa upende ukudweba imibukiso nemifanekiso yokuhlobisa, limsebenzele kakhulu futhi livule iminyango ebivalekile.

UNksz Zondi udalule ukuthi ukhule evele ewumuntu okhonze ubuciko nokusebenzisa izandla zakhe ukucikoza, okungenye yezinto ezamphusha ukuthi aqale ukuzihlupha ngolwazi lokusebenzisa izandla zakhe ukukhiqiza imidwebo yokuhlobisa ekhangayo, iningi layo ayenza ngezinhlobonhlobo zopende adweba ngabo.

UNKSZ Naledi Zondi, umnikazi weNaledi Arts and Motion Studios, yaseThekwini, KwaZulu-Natal

Image: SITHUNYELWE

Leli bhizinisi lakhe selikhule ngendlela yokuthi manje usenobudlelwano nabezindawo zokudla ezahlukene eThekwini naseGoli okubalwa kuzona iMama Luciano, Brown Sugar Restaurant, Legacy Yard neRaddison Blu Hotel - abambisana nabo ngokwengamela uhlelo lwe-sip and paint alwenziwa amakhasimende asuke evakashele lezi zindawo.

“I-sip and paint wuhlelo olungisiza kakhulu ebhizinisini lami ngokuthi ngibambisana nalezi zindawo ukuzofundisa abantu ukudweba nokuhlobisa ngopende, okuthi sikwenza bebe beqhabula iziphuzo ezithengiswa kulezi zindawo, okungenye yezinto ezihlukile nengibe wumuntu wokuqala ukuqhamuka nazo kuleli ngoba bezingaziwa nhlobo,” usho kanje.

Eqhuba, uthe nakuba yena ebevele ewumuntu wobuciko, kodwa ukukwenza ibhizinisi kwaqala ngo-2019 ngenkathi eseyoqeda izifundo zakhe ze-BTech Retail Business Management azenze eDurban University of Technology.

INGXENYE yengaphakathi le-studio sokusebenzela seNaledi Art and Motion Studios, yaseThekwini, KwaZulu-Natl

Image: SITHUNYELWE

“Ngamenywa komunye umcimbi ngiyokhuluma ngobuciko bezandla, ngasebenzisa imali engayikhokhelwa lapho ukuthenga upende nezinye izinto ezazidingeka ukuze ngiqale ibhizinisi. Kuthe sekubhoke iCovid-19 ezweni, ngathola isikhathi esanele sokuzihlupha ngamasu nezindlela zokudlondlobalisa ibhizinisi lami,” kusho uNksz Zondi.

Nangempela kube njalo, njengoba kuthe ngokudlondlobala kwebhizinisi lakhe - wagcina ebambisana noMnuz Wanda Kheswa, omjoyine nyakenye ebhizinisini - baqala naye i-studio abasisebenzisa ukufundisa ngalo msebenzi, benze imicimbi kusona, kanti futhi uyakwazi ukuza kusona uzoshuthela kuso, ufunde nokunye okuningi okweyamene nalokho.

“Ukuhlale ngivule izandla ukusebenzisana nabantu kungisiza kakhulu futhi kuthela izithelo ezibonakalayo njengoba kumanje sisebenzisana nabeGagasi FM, abashuthela i-podcast yabo e-studio sethu, okungenye yezindlela ezisisiza sithole imali nokukhulisa igama lethu.

I-NALEDI Arts and Motion Studios isiza nangokuhlela imicimbi eyahlukene

Image: SITHUNYELWE

“Liyakhula nesasasa le-studio sethu njengoba banda nabantu abafika kusona bezoshutha izithombe, bese futhi kuba khona nalabo esibacijayo ngokwenza imisebenzi yobuciko bezithombe nokuhlela imicimbi,” kusho yena.

Uthe nokho akubanga lula njengoba esaqala kudingeke ukuthi asebenzise imali eningi ayitshale ebhizinisini lakhe ukuze likhule futhi lifinyelele kuleli zinga eselikulona manje.

“Manje sesibheke ukuthi sinabele kwezinye izindawo ezweni lonke ukuze umsebenzi wethu uhlonishwe fuhi uqhakambiseke,” kusho uNksz Zondi wasePinetown, eThekwini.