Impilo Yabantu Intandokazi

Owayeka umsebenzi ushumayela ivangeli lezokuvakasha emakhaya

Simangaliso Ntshangase|Published

KUBA kuhle kanjena uma sekuqhubeka uhambo lwezokuvakasha oluhlelwe yiBangabangani Tourism & Events

Image: SITHUNYELWE

UKUBUSWA wuthando lwezemvelo nezokuvakasha kwenza uNksz Neliswa Mnguni angakhathazeki ngokuthi umbono wakhe wokufaka nokukhuthaza ezokuvakasha ezindaweni zasemakhaya awukatheli zithelo nenzuzo ebonakalayo okwamanje.

UNksz Mnguni, odabuka eNewcastle, enyakatho yeKwaZulu-Natal, wumnikazi weBangabangani Tourism Events, inkampani eshumayela ivangeli lezokuvakasha ebantwini basemakhaya, esebenzela kakhulu lapho esezinze khona manje eMbabane, eDannhouser.

Elandisa Isolezwe ngalo mbono awuqale ngo-2016, uthe ukhule evele ekhonze kakhulu ezokuvakasha kusukela esafunda emabangeni aphezulu kangangokuthi wayehlala ehleka yedwa uma sekuyisikhathi sokuhambela ezindaweni ezihlukene ukungcebeleka.

UNKSZ Neliswa Mnguni, umnikazi weBangabangani Tourism & Events, inkampani yezokuvakasha ezinze eDaanhauser, enyakatho yeKwaZulu-Natal

Image: SITHUNYELWE

Uthe ngenkathi eqala inkampani yakhe ubesasebenza eHector Peterson Museum, eGoli, lapho ehlale khona iminyaka emihlanu enza umsebenzi wokwamukela izivakashi ezisuke zize kule ndawo eyisigcinamagugu omlando omqoka wezwe nezepolitiki.

"Ngaleso sikhathi ngangivame ukusiza othisha basezikoleni zasemakhaya abasuke bevakashele ezindaweni ezihlukene eGoli namaphethelo ukubahlelela uhambo lwabo. Ngangibasiza nangokubabonisa izindawo ezihlukene ezidlisayo zokuvakasha, kodwa kuwukuthi ngangingagxilile kangako kulokho ngoba ngangisaxinwe wumsebenzi waseHector Peterson.

UNKSZ Neliswa Mnguni, umnikazi weBangabangani Tourism & Events, inkampani yezokuvakasha ezinze eDaanhauser, enyakatho yeKwaZulu-Natal

Image: SITHUNYELWE

“Kuthe ngo-2020 ngashiya emsebenzini ngenxa yokuthi kwakungasasetshenzwa, ngagoduka ngayohlala ekhaya, kwathi sengisekhaya ngezwa sengingasafuni nhlobo ukuphindela eGauteng, ngabona kumqoka ukuqhuba umbono wento yami ngakithi.

“Ngiqale lapho ngahlangana nobuholi bomphakathi wangasekhaya, ngibachazela ngobuhle nobumqoka bokunaka imvelo nokuqhakambisa ezokuvakasha ukusiza ukuthi izindawo ezinjena zasemakhaya zithuthuke futhi zaziwe abantu abaningi,” kulanda yena.

Eqhuba, uthe akubanga yisinqumo esilula ngoba kwakungasekho namali engenayo, kepha ngoba eqonda ukuthi lo mbono anawo uzogcina uthela izithelo ngelinye ilanga, wazitshela ukuthi uzokwenza konke okusemandleni akhe ukuwufaka ngokuphelele ebantiwni.

ZIJABULA izingane uma sezisohambweni lwezokuvakasha olusuke luhlelwe yiBangabangani Tourism & Events

Image: SITHUNYELWE

“Bekunzima futhi namanje kusenzima ngenxa yokuthi abantu basemakhaya kanjena abayiqondi kahle indima yezokuvakasha nobumqoka bayo, ngakho kumele sihlale sisebenza kanzima ukubaguqula umqondo nokwenza babone ukuthi bahlezi phezu kwegolide elidinga ukunakekelwa nokuphathwa kahle ukuze lithele izithelo,” usho kanje.

Udalule nokuthi useqalile ukwakha ubudlelwano nezikole okubalwa neMbabane Primary, asebenzisana nayo ukuyisiza ngokuhlela uhambo lwezokuvakasha uma sekuyisikhathi sokwenza lokho njalo ngonyaka, okusiza ukukhuthaza izingane ukuba zithande ukuvakasha.

“Manje into engiyifisa kakhulu wukuthi ngigcine nginendawo eqondile nevulekile  esizosebenzela kuyona, bese futhi ngithola nabanye abantu noma izinhlaka ezahlukene, okungaba ngezohulumeni noma ezizimele ukusiza ukuthuthukisa umbono wami wokuthi ezokuvakasha zithuthuke futhi zinakeke ezindaweni zasemakhaya,” kusho uNksz Mnguni.