Impilo Yabantu Intandokazi

Amava obuthishela azibule ngebhizinisi kumama nendodakazi

Simangaliso Ntshangase|Published

AKUDLAWA uma sekuyisikhathi sokufunda eFuture Harvest, inkulisa esePinetown

Image: SITHUNYELWE

AMAVA eminyaka ewu-25 ewuthisha ahlwanyele imbewu yomqondo webhizinisi eliwusizo ezinganeni kuNkk Noxolo Nokwe, ohlangane nendodakazi yakhe uNkk Lelethu Hlongwa - bavula isikole esiyinkulisa iFuture Harvest, esiwusizo lwesisekelo semfundo ezinganeni.

UNkk Nokwe, ozinze ePinetown, ngaleli bhizinisi aliqale ngo-2017 uthe wayesefuna inselelo entsha ngenkathi enquma ukwesula emsebenzini wakhe wokuba wuthisha, kodwa yasala insila yokuthanda ukufundisa nokucija izingane.

“Yilapho engabona khona ukuthi isekhona indlela engingasebenzisa ubizo lwami ngayo ukuze ngiqhubeke ngiqinisekise ukuthi izingane zikhula zinekusasa eliqhakazile.Ngaleli bhizinisi eliyisisekelo semfundo kodado ngiqinisekisa ukuthi bakhula bekhaliphile," kusho yena.

UNKK Noxolo Nokwe, umnikazi weFuture Harvest, ibhizinisi lenkulisa elizinze ePinetown

Image: SITHUNYELWE

“Lokho sikwenza ngokuthi zonke izingane ezincane ezibhalisa esikoleni sethu zithole ulwazi olumqoka lokufunda ngokuqonda bese futhi sigxila kakhulu ekuzicijeni ngesiNgisi ukusiza ukuthi kube lula uma seziqhubeka nemfundo ngoba zizobe sezikwazi ukukhuluma, ukufunda nokunye okweyamene nakho okuzokwenza zihluke kwezinye,” kusho uNkk Nokwe.

Eqhuba, uthe okunye okumphushe ukuqala iFuture Harvest wukuthi esewuthisha oqashiwe wayeqaphela ukuthi izingane eziningi ziba nenkinga yokungakwazi ukufunda ngokuqonda, ezinye zihluleka wukukhuluma - okukhomba ukuthi kusuke kukhona okushodile noma kwangahamba kahle endleleni ezifundiswe ngayo zisencane.

UNKK Lelethu Hlongwa, omunye wabaphathi beFuture Harvest, ibhizinisi lenkulisa elizinze ePinetown

Image: SITHUNYELWE

“Siqala kusuka enganeni ewusana olunezinyanga ezintathu kuya ezinganeni ezineminyaka emihlanu kuya kweyisithupha ngoba okwamanje sisagcina kuGrade R, kodwa sigculisekile kakhulu ngomehluko esiwenzayo emphakathini ngezingane ezidlula ezandleni zethu,” usho kanje.

UNkk Hlongwa uthe uqale ukuba kuleli bhizinisi ngokugcwele ngo-2020 ngenxa yokuthi kule minyaka emithathu yokuqala lisaqala wayematasa nomsebenzi wakhe ayeqashwe kuwona, okuthe ngokuqhubeka kwesikhathi wabona kumqoka ukulekelela unina ngokugcwele kulona ukuze lithuthuke futhi libe yilokhu abakufisayo ngalo.

KUBA kuhle kanjena uma sekuhlonishwa odado asebephothule uGrade R eFuture Harvest

Image: SITHUNYELWE

Uthe ngonyaka babiza kusuka ku-R850, R900 no-R950 ingane ngayinye, kuncike ekutheni ineminyaka emingaki nokuthi isuke izofunda isikhathi esingakanani enkulisa yabo, kanti bavame ukuthi bamukele izingane ezingaphezu kuka-250 ukuzofunda kubona njalo ngonyaka.

“Manje sesiqashe abasebenzi abawu-14 ebhizinisi lethu, futhi siyaqhubeka nokudlondlobala yize kungelula ngenxa yokuthi kukhulu kakhulu ukuncintisana phakathi kwethu nabanye abenza umsebenzi ofana nowethu. Nanokuthi akulula ukusebenza ngezingane ezincane ngoba ayifani indlela ezenza izinto ngayo nezikhuliswe ngayo. Lokhu kudinga ukuthi sihlale sinesineke ukuze kungabi bikho okusiqhatha namakhasimende ethu,” kusho uNkk Hlongwa.

KUBEKWA phambili imfundo nokukhaliphisa odado ngemfundo eFuture Harvest

Image: SITHUNYELWE

Basho ngazwi linye ukuthi manje babheke ukuqhubeka bakhulise ibhizinisi labo, ligcine selikwazi ukwamukela inqwaba yezingane ukuzofunda, kuze kugcine sekunyukele nakwamanye amabanga angaphezu kokuba yinkulisa noGrade R kuphela.