Impilo Yabantu Intandokazi

Oneminyaka engu-32 uvuke wazithatha waphasa u-matric ngo-A abayisithupha

Simangaliso Ntshangase|Updated

UNKSZ Samkelisiwe Xulu uvune izithelo ezinhle, ephasa u-matric ngamalengiso ebuyela esikoleni emva kweminyaka ewu-12 ayeka engakaqedi

Image: SITHUNYELWE

UKUTHATHA isinqumo “esinzima” sokubuyela esikoleni emva kweminyaka ewu-12 ashiya phansi isikole engakawuphothuli u-matric okokuqala, kuthele izithelo ezinhle nezibonakalayo kuNksz Samkelisiwe Xulu, ephasa ngamalengiso ku-matric wakhe awuphothule nyakenye.

Engxoxweni ekhethekile neSolezwe, uNksz Xulu (32) waseDoringkop, KwaDukuza, KwaZulu-Natal, udalule ukuthi u-matric wakhe wawenza okokuqala ngo-2012 esafunda ngakubo eShekembula High, kepha wawushiya phakathi exinwa wukugula okweyamane nezinkinga zokwesintu.

“Bengigula kakhulu futhi ngiphazamiseka ekufundeni kwami. Ngagcina ngishiya phansi isikole ngaboMashi ngalowo nyaka kwangabe kusaba lula ukuthi ngibuyele esikoleni ngokushesha. Bengilokhu ngiphila ngokubamba amatotho ezindaweni ezihlukene, ukuzama ukuziphilisa nokuzimela nokweseka umndeni wami,” usho kanje.

Eqhuba, uthe impilo abeyiphila ibingamgculisi njengoba ebehlale ethola imisebenzi engamjabulisi emalini kepha ibe imgqilaza emzimbeni nasemqondweni, waze wabona kufanele ukuthi abuyele esikoleni ukuzama ukucaba ikusasa eliqhakazile ngemfundo.

Uthe wabona isikhangiso sesikole iSinenhlanhla Secondary, esiseShakaskraal, khona KwaDukuza esasidinga abafundi, wanquma ukufaka isicelo sokufunda uGrade 11 khona, nangempela bamamukela - kwaba wukuqhubeka kohambo lwakhe lwemfundo.

“Ngizibambe zaqina kusuka lapho, ngangabe ngisabheka emuva. Ngazitshela ukuthi akusekho lutho namuntu okuzophazamisa imfundo yami, njengoba manje sengivuna engikutshalile - ngiphasa ngamalengiso izifundo eziyisithupha, engithemba ukuthi lokho kuzovula iminyango yamathuba angcono,” kusho uNksz Xulu.

Izifundo aziphase ngamalengiso yisiNgisi, isiZulu, Life Orientation, Dramatic Arts, History ne-Tourism bese kuba yiMathematical Literacy ayiphase ngo-level 6 (70+%).

“Konke lokhu ngithemba ukuthi kuzokhuthaza nabanye abeza ngemva kwami babone ukuthi imfundo ayikhulelwa nokuthi ukungaphumeleli u-matric wakho okokuqala akusho ukuphela komhlaba, kepha lisuke lisekhona ithuba lokufeza okunye ozifisela kona uma uzozitshela ukuthi uzophokophelela ukuphumelela ngemfundo yakho,” kusho yena.

Uthe manje usebheke ukuqhubeka nemfundo yakhe, enze izifundo zobumeli e-University of KwaZulu-Natal, ngenhloso yokusebenzisa azokufunda kuzona ukulungisa izimo nezinkinga ezihlukene ezibhekana nomphakathi nsuku zonke.

“Kuyangikhathaza ukubona kwanda izigameko zokuhlukunyezwa kwezingane nabantu besifazane kujike kungabi ndaba zalutho, engithemba nengikholwa wukuthi kuningi engingakwenza ukuzama ukukulungisa ngisebenzisa imfundo yami,” kusho uNksz Xulu.

UNKSZ Samkelisiwe Xulu uvune izithelo ezinhle, ephasa u-matric ngamalengiso ebuyela esikoleni emva kweminyaka ewu-12 ayeka engakaqedi

Image: SITHUNYELWE