UNKSZ Cebisile Mthembu, owaziwa ngelikaMaMvelase ngenxa yamavidiyo akhe ezinkundleni zokuxhumana
Image: SITHUNYELWE
UKUSEBENZISA izinkundla zokuxhumana ukuxoxa nokwazisa abantu ngezinselelo zokuzohlala edolobheni ube udabuka emakhaya yicebo elaqala sakudlala, kepha eseliqalile ukuthela izithelo ezinhle kuNksz Cebisile Mthembu, osezakhele ugazi nodumo ngelikaMaMvelase ezinkundleni zokuxhumana.
UNksz Mthembu (24) usho njalo exoxa neSolezwe ngokungenisa kwakhe ngamavidiyo awenza, bese ewafaka emakhasini akhe ezinkundleni zokuxhumana, osekumakhele abalandeli abangaphezu kuka-177 000 kwiFacebook, kwiTikTok bangaphezu kuka-770 000 nama-like angaphezu kuka-37 million.
Le ntokazi edabuka eMpongosi, eNkandla, idalule ukuthi kuze kufika kulesi sigaba nje, kwaqala ngokuthi izenzele amavidiyo ichaza ukuthi kube njani ngenkathi ifika edolobheni, isuka endaweni yasemakhaya, ebivame ukuwenza incokola yenza amahlaya ngalezo zinselelo.
“Ngiwumuntu okhulele emakhaya, futhi obengazi lutho olutheni ngempilo yasedolobheni. Kuthe sengifika eThekwini ngizofunda, ngaqala kanjalo ukwenza lawo mavidiyo abelandisa abantu ukuthi ngibhekane kanjani nezinselelo ezinjalo ikakhulu ngoba ngiwumuntu osemusha. Kube nzima ukuthi ngisheshe ngijwayele impilo nendlela okwenzeka ngayo izinto lapha edolobheni,” kusho uNksz Mthembu.
UNKSZ Cebisile Mthembu, owaziwa ngelikaMaMvelase ngenxa yamavidiyo akhe ezinkundleni zokuxhumana
Image: SITHUNYELWE
Uthe ukubona ukuthi kumsebenzela kanjani futhi kangakanani ukufaka amavidiyo, aqale ukuwenza ngabo-2021, kwenza waqhubeka nawo kusuka ngabo-2023 - esengeza nangalawo aveza ukuthi usuke ekuphi futhi enzani ngezikhathi ezithile ukujabulisa abalandeli bakhe.
“Manje sekuwumlando ukuthi into engaqala ngiyenza sakudlala kanjalo, isithela izithelo njengoba sekuke kwenzeke ukuthi ngithintwe ngabantu nezinkampani ezithile bengimema ukuze ngibe semicimbini, ezinhlelweni ezithile nasemikhankasweni abayenzayo - bese bengikhokhela ngokuthi ngikufake emakhasini ami ezinkundla zokuxhumana ukuze kubonwe ngabantu,” usho kanje.
Uthe kuyenzeka enze imali eko-R3 500 kuya phezulu ngalowo msebenzi, okungenye yezindlela ezimsebenzela ukuziphilisa njengoba okwamanje engakawutholi umsebenzi wobuthishela asanda kuphothula iziqu zawo e-University of KwaZulu-Natal, okuyiyona nto ayevele eyizele eThekwini.
"Sengibheke ukuqhubeka nalo msebenzi wamavidiyo nezithombe engikwenzayo ngoba kuyangisebenzela. Ngibona futhi kungeke kushayisane nowobuthishela uma kugcina kuvela ithuba lokuwenza nawo ngokuqhubeka kwesikhathi,” kusho uNksz Mthembu.