UNKSZ Unathi Nkosi, odle umhlanganiso kuMiss Charis 2025, obuseGauteng ngoMgqibelo
Image: SITHUNYELWE
INTOKAZI ewuzime waseVolkrust, eMpumalanga, uNksz Unathi Nkosi, isithembise ukusebenzisa isicoco somncintiswano wokumodela, uMiss Charis 2025, ukushumayela ivangeli lobuKristu ebantwini. Lesi sicoco ikhale yemuka naso emcimbini obuseGoli ngoMgqibelo.
UNksz Nkosi (20) ukusho lokhu engxoxweni ekhethekile neSolezwe lapho edalule khona ukuthi ukuhlabana ngalesi sisoco, asithathe kuNksz Siphesihle Kheswa waseThekwini, kuzoba yithuba elihle kuyena lokuqhakambisa amandla nobukhulu bukaNkulunkulu.
“Lokho ngizokwenza ngenxa yokuthi izimiso nombono kwenhlangano ephethe lo mncintiswano kuhambisana kakhulu nakho konke lokho. Ngibona kuzoba yinto enhle ukuthi nami ngiqhubeke nokuqhakambisa lokho ezama ukukufaka ebantwini ngezokumodela.
“Ngihlela ukuhambela izindawo ezahlukene, izikole namajele ngishumayeza abantu ukuba baphenduke futhi baphile ngendlela ehambisana nokufiswa wuNkulunkulu ngabo nangempilo yabo,” kulanda uNksz Nkosi.
UNKSZ Unathi Nkosi, odle umhlanganiso ku-Miss Charis 2025, obuseGoli, eGauteng ngoMgqibelo
Image: SITHUNYELWE
Le ntokazi, esanda kuphothula izifundo zeBachelor of Social Science in Economics e-University of KwaZulu-Natal futhi engumsunguli kaMiss Scottsville, ithe njengoba iyikholwa, ikholelwa ekutheni konke okuhle okwenzeka empilweni yalowo nalowo muntu kusuke kungekhona okobuhlabani bakhe kuphela kepha ngamandla kaNkulunkulu.
“Ngakho kusemqoka ukuthi nabantu abangakholwa sibafundise ubumqoka bokubeka uNkulunkulu kunoma yini abayenzayo nabazindabakanya kuyona, ukusiza ukuthi nje impilo yabo yansuku zonke iqoqeke futhi icoleke ngenxa yemithetho nemigomo okuzothi uma sebekholwa baphile ngayo futhi balawulwe yiyona kunoma yini abayenzayo,” kusho le ntokazi eyaqala ukumodela ngenkathi ingenele umncintiswano kaMiss UKZN.
UNksz Nkosi uthe ubheke ukukhula nokusabalalisa igama lakhe nelemisebenzi emihle asophe ukuyenza emphakathini ngendima yezokumodela kuze kugcina kufika lapho ancintisana khona nabanye ozime emincintiswaneni emikhulu njengoMiss South Africa.