UNKSZ Noluthando Zungu, umnikazi we-Amandlenkosi Farms, inkampani yezolimo ezinze ePort Shepstone, oGwini oluseningizimu yeKwaZulu-Natal
Image: SITHUNYELWE
UKUQAPHELA konke okwakwenziwa wuyise, akhule ekhonze ukutshala nokulima kwabo, kwenze wakhula ebona ubuhle bokuba nokudla ozikhiqizele khona, futhi waqaphela nokuthi lokho kusiza kanganani uma sekubhoke isikhathi esinzima sendlala.
Yilokho okwenze ukuthi kube lula kuNksz Noluthando Zungu ukuqala ibhizinisi lezolimo, alixube nokufuya izinkukhu zamaqanda nezenyama i-Amandlenkosi Farms, eseliqalile ukuthi lithele izithelo ezibonakalayo empilweni yakhe nasemphakathini akhele kuwona.
UNksz Zungu uzinze eNyandezulu, ePort Shepstone, ngaleli bhizinisi aliqale kunzima ezweni ngo-2020 ngenkathi kubhoka igciwane iCovid-19, okwaba yisimo esenza ukuthi abantu abaningi bahlushwe yindlala.
Uthe wamfikela kanjalo umcabango waleli bhizinisi, aliqambe ngegama lendodakazi yakhe eneminyaka emihlanu u-Amandlenkosi, ngenhloso yokwenza umehluko emphakathini futhi asize abantu jikelele ukuthola ukudla okunempilo kalula nangokushesha.
UNKSZ Noluthando Zungu, umnikazi we-Amandlenkosi Farms, inkampani yezolimo ezinze ePort Shepstone, oGwini oluseningizimu yeKwaZulu-Natal
Image: SITHUNYELWE
“Ngikhule ekhaya ubaba ekhonze kakhulu ukulima, nami ngafunda okuningi kuyena ngalokho. Lokhu kwenze ukuthi kube lula ukuziqalela elami ibhizinisi ngoba sengibona ukuthi kwase kushube kangakanani ezweni ngaleso sikhathi, abantu bedinga ukudla okunempilo.
“Ngiqale lapho kancane, kancane, ngase ngisizwa nawukuzihlupha ngolwazi lwemfundo yokuphatha ibhizinisi. Manje ngigabe ngezicucu zezamabhizinisi zaseCedara College of Agriculture nasohlelweni lokuqeqesha osomabhizinisi olwenziwa yi-Esayidi Business Incubator, okungihlomise ngolwazi olungisize kakhulu,” kulanda uNksz Zungu.
KUBA njena uma sekumatasa ngomkhiqizo wamaveji e-Amandlenkosi Farms
Image: SITHUNYELWE
Eqhuba, uthe leli bhizinisi selidlondlobale kakhulu manje njengoba umkhiqizo wakhe wezinkukhu zenyama nezamaqanda, kanjalo namaveji okuyiklabishi, ispinashi notamatisi akudayisa kulona - sekuthengwa nakwezinye izindawo koThekwini, Mbizana, kanjalo nangabezindawo zokudlela ezihlukene ezakhele iPort Shepstone namaphethelo.
Kanti nangaphezu kwalokho, uNksz Zungu usanda kuhlabana ngendondo yeTop Achiever emncintiswaneni wosomabhizinisi iThe Next Billionaire Business Awards, lapho akhale wemuka khona nesamba sika-R50 000.
UNKSZ Noluthando Zungu (kwesokunxele) nengxenye yabasebenzi basenkampanini yakhe i-Amandlenkosi Farms
Image: SITHUNYELWE
“Nokho akulula konke njengoba abanye abantu becabanga; kudingeka ukuthi usebenze kanzima nangokuzikhandla, futhi uhlale uqikelele ukuthi yonke imicikilisho yokuphatha ibhizinisi ihamba ngendlela efanele. Okunye okubalulekile ukuhlonipha ibhizinisi lakho namakhasimende akho ahlale eseqhulwini kuwena ukuze konke kuzohamba ngendlela efanele,” usho kanje.
I-Amandlenkosi Farms inabasebenzi abahlanu abaqashwe ngokugcwele nabayisikhombisa abayitoho, kanti umkhiqizo wamaqanda ubiza u-R2 iqanda ngalinye no-R75 amaqanda awu-30, kube wu-R65 kuya phezulu inkukhu ngayinye, no-R10 kuya phezulu kumaveji abo.