UPHINDI P uzodumisa nabesifazane kwiNtandokazi Womens Club ePremier Splendid Inn, eMhlanga ngoMgqibelo Isithombe: FACEBOOK
Image: Facebook
KONKE kumi ngomumo ngobukhazikhazi bomcimbi weSolezwe, Intandokazi Womens Club, ozoba sePremier Splendid Inn, eMhlanga kusasa kusuka ngo-10 ekuseni.
Kulo mcimbi kuzobe kuhlangene abesifazane bezokhuthazana, bachushisane ngezihloko ezahlukene, badumise baphinde bazijabulise ngokudansa.
Owengamele uphiko lwezokukhangisa kwiSolezwe, uPhumi Mkhize, uthe isikhulumi sosuku kuzobe kunguNonhlanhla Joye.
“Uyisikhulu nomsunguli we-Mgibe Farming Organics. Ungumlimi ohlonishwayo nosewine inqwaba yezindondo. Kuzobe kukhona noChef Saneh ozokhipha amathiphu ezibiliboco,” kusho uPhumi.
Uqhube wathi: “ Konke ikumi ngomumo futhi izethameli azilindele ukuba nesikhathi esimnandi zihambe ziphethe izipho, ukudla kwengqondo nomphefumulo nobumbano njengabantu besifazane.”
Uhlelo lomcimbi luzobe luphethwe wuSelbeyonce Mkhize kanti kuzonandisa uDJ Queen noPhindi P.
UPhumi uthe isekhona ingcosana yamathikithi esatholakala ku-www.quicket.co.za ngo-R595.
“Ithikithi lihambisana nesidlo sasekuseni nesasemini kanjalo nezipho ngaphezu kwezinkulumo ezizobe zethulwa,” kusho uPhumi othe kugqokwa ingubo yasehlobo.
Uphethe ngokubonga abaxhasi okuyiSpekko neLoms Events.
SELBEYONCE
Image: SIGCINIWE
Related Topics: