UNKSZ Aphiwe Khambule, ophethe inkampani yokungcwaba i-21st Century Funerals, emva kokuklonyeliswa indondo kasomabhizinisi wonyaka ovelele kuma-Business Partners Limited
Image: SITHUNYELWE
UKHULISWE abazali ababeshisekela ukusimama emabhizinisini futhi benebhizinisi lokungcwaba, lokho kwenza naye wakhuthalela ukufunda nokwenza okuningi kwezamabhizinisi ukuze azimele futhi enze umehluko nokuhle emphakathini awusebenzelayo.
Lwaqala futhi lwakhula kanjalo uthando lwebhizinisi kuNksz Aphiwe Khambule, umphathi wenkampani yokungcwaba i-21st Century Funeral Services, athathe amatomu kuyona eqhubeka emsebenzini owenziwe ngabazali bakhe kusukela beliqala ibhizinisi ngo-1999.
Elandisa Isolezwe ngalokho, uNksz Khambule odabuka KwaMashu, kodwa osezinze eHillcrest, entshonalanga yeTheku, uthe ukubona abazali bakhe bezikhandla ngomsebenzi webhizinisi kwamkhuthaza ukuthi aqale abalekelele kusuka ngo-2010 eba yi-receptionist, ngenhloso yokwakhela kulokho afunde okuningi ngokuphatha nokuhola ngobuqotho ebhizinisini.
"Nokho ngike ngama kancane kulona i sengigxila emfundweni njengoba ngineziqu zomkhakha wobuntatheli iBachelor of Arts in Journalism and International Relations nezePost Graduate Diploma in Media and Business Management kokubili kwaseRhodes University.
UNKSZ Aphiwe Khambule, umphathi we-21 Century Funerals, ibhizinisi lokungcwaba eliseThekwini, KwaZulu-Natal
Image: SITHUNYELWE
"Ngisuke lapho ngayosebenza kwenye inkampani yezindaba eseKapa, ngahlala khona iminyaka emihlanu ngenza imisebenzi ehlukene eqondene nokubhala. Ngasula kuyona ngoba sengifuna ukugxila ebhizinisini lasekhaya, engiqale ukubamba amatomu kulona ngabo-2019, kuze kuzoba yimanje njengoba ngisayibambile ishisa injalo," kusho uNksz Khambule.
Uthe akubanga lula neze njengoba kwathi esanda kuphatha nje, kwabhoka iCorona okwenza ukuthi ibhizinisi livivinywe kancane, nokwamsiza kwamqinisa ukukhakhayi ngokushesha kwezokuphatha.
"Yilapho futhi engiqaphele khona ukuthi kulo mkhakha kugcwele abantu abadala, okwenza ukuthi uma usemusha ubuye ubukeleke phansi, kube sengathi umsebenzi wakho awuwazi kahle, kube kungenjalo. Nokuthi singabaholi bamabhizinisi alo mkhakha sinomkhuba omubi wokuthanda ukuncintisana sodwa, okwenza kugcine kuza ngemuva ubumqoka bokuthi siphathe kahle amakhasimende ethu ngoba singebe yilutho ngaphandle kwawo," usho kanje.
INGXENYE yabasebenzi benkampani yokungcwaba yaseThekwini i-21st Century Funerals
Image: SITHUNYELWE
Uthe nokho uyaziqhenya ngomsebenzi asewenzile enkampanini yakubo kule minyaka emihlanu kuya kweyisithupha manje ephethe. Uveze ukuthi wakhe ubudlelwano nezinkampani zokuthutha zamabhasi nezamabhanoyi, ukwenza kube lula ukugoduka elungeni lomndeni eliyisikhasimende labo uma lishonelwe libe lihlala kude nekhaya.
"Ngale kwalokho, sesiqashe abasebenzi abawu-16 ngokugcwele, futhi sitholakala ezindaweni ezehlukene eThekwini, Mlaza, Pinetown, Mbilo, Mpangeni naseNtuzuma okwenza kube lula emakhasimendeni ethu. Ngisanda kuhlomula ngendondo kasomabhizinisi wonyaka ovelele kuma-37th Business Partners Limited, okufakazela ubuhle bomsebenzi engiwenzayo nengibambisene nabo enkampanini," kulanda uNksz Khambule.
Mayelana nezinhlelo zengomuso, uthe usebenzela ukuthi inkampani yabo igcine isiqashe abasebenzi abangaphezu kuka-500, ibe namagatsha amaningi ezweni lonke, bese isiza nasenkingeni yokushoda kwezindawo zokungcwabela emadolobheni nasemalokishini.