UNKSZ Hlengiwe Dube, imenenja jikelele yophiko lwezokuvakasha kuMasipala weTheku
Image: SITHUNYELWE
UKUCHAZWA yincazelo ehlabahlosile yowayewuthisha wakhe emabangeni aphezulu ngemboni yezokuvakasha namathuba akhona kuyona kwenza uNksz Hlengiwe Dube wakhula ewukhonzile lo mkhakha, futhi kwamcabela nendlela yokuphumelela kuwona.
Lokho kushiwo wuyena uqobo uNksz Dube, imenenja jikelele yophiko lwezokuvakasha iDurban Tourism, eholwa wuMasipala weTheku - engxoxweni ekhethekile neSolezwe ngohambo lwempilo yakhe nokuningi asekufeze empilweni yakhe ngalo mkhakha.
Uthe konke kwaqala esafunda uGrade 9 eShowe High, lapho okwathi omunye wothisha bakhe ebachazela ngobuhle bale mboni, wabubona ngamehlo engqondo ubuhle bayo, futhi kwacaca ukuthi kuningi kangakanani angakuzuza uma enamathela kuyona.
"Ngaqala lapho ukuthanda lo mkhakha, ngaqhubeka nawo sengikhetha izifundo kwaGrade 10 kwaze kwaba ngifundela izifundo zawo futhi sengisenyuvesi. Lokhu kungisize kakhulu ngolwazi lwawo olunzulu nolumqoka oluphendle indlela yami ngaze ngafika lapha manje," kusho yena.
Eqhuba, uthe uqale ukusebenza eseyithwasa kuMasipala wesiFunda eHlanzeni, eMbombela, eMpumalanga, ngo-2007, nokwenza wakhula futhi wafunda okuningi ngalo msebenzi, okusize nokuthi athole amanye amathuba eseqhubeka nohambo lwakhe, kubalwa neminyaka ewu-10 ayisebenze eMnyangweni wezokuVakasha.
UNKSZ Hlengiwe Dube, imenenja jikelele yophiko lwezokuvakasha kuMasipala weTheku
Image: SITHUNYELWE
"Lapho besihambela izwe lonke, senza imikhankaso nezinhlelo ezihlukene zokusiza ukufukula nokuqhakambisa imboni yezokuvakasha ezweni. Besisiza nosomabhizinisi abasafufusa ababamba iqhaza kule mboni ngenhloso yokubafukula," kusho uNksz Dube.
Le ntokazi edabuka KwaManqakaza, eGingindlovu, enyakatho yeKwaZulu-Natal, idalule ukuthi bese ifuna inselelo entsha ngenkathi ishiya eMnyangweni wezokuVakasha, yajoyina uMasipala weTheku ngo-2023; njengoba isalokhu iyibambile khona namanje.
"Umsebenzi wami wamanje wukuqinisekisa ukuthi izivakashi zethu ezifika eThekwini zithola lonke ulwazi eziludingayo ngedolobha lethu, nokuthi konke kube sobala ngezinto ezidinga ukuzenza nezingazijabulela uma zisivakashele. Ngale kwalokho, sihlale sihambela izindawo ezehlukene eThekwini namaphethelo, sixoxa futhi sihlela nezinhlaka ezithile ezizimele nezikahulumeni ukuthi yikuphi okusadinga ukwenziwa ukumaketha ubuhle beTheku ezweni lonke nakwamanye amazwe ukuthi lihlale lisezingeni kwezokuvakasha," isho kanje.
UNksz Dube uthe nakuba kukuningi asekufezile kulo mkhakha, kepha kumthobisa inhliziyo ukuthi wabamba iqhaza ekutheni umphakathi wase-Ha-Maila, eLimpopo, uxhaswe ngo-R40 million wokuwuthuthukisa, futhi wasiza nasekuthuthukiseni iSteve Biko Centre, e-Eastern Cape - kokubili okwafezeka esasebenza eMnyangweni wezokuVakasha ezweni.
"Nalana eThekwini kuningi esesikwenzile nesisakwenza ukuze kumaketheke imboni yezokuvakasha emazweni ehlukene. Siyaziqhenya ngesikwenzayo ukusiza ngokuthi kuphephe ukuze kuvikeleke izivakashi zethu njalo," usho kanje.
"Manje njengoba sengibheke eminyakeni ewu-20 ngikule ndima, ngibabele ukuthi ngigcine ngenza imisebenzi ezonginika igunya namandla okuthatha izinqumo eziguqula neziphucula imboni yezokuvakasha, ngibe wumholi oqotho," kusho yena.
Emfundweni uNksz Dube uneNational Diploma in Tourism yaseDurban University of Technology, kube yi-BTech in Tourism Studies yaseTshwane University of Technology, iProject Management yase-University of Pretoria nezePost Graduate in Leadership amatasa ngazo kumanje e-University of KwaZulu-Natal.