Impilo Yabantu Intandokazi

Umshayeli wesifazane ukhala ngezinselelo ezihlukumeza osomatekisi

Simangaliso Ntshangase|Published

UMSHAYELI wamatekisi wesifazane uNksz Mbali Luthuli ukhala ngenqwaba yezinselelo ezithiya umsebenzi wabo nsuku zonke.

Image: SITHUNYELWE

UMSHAYELI wesifazane oseneminyaka ewu-18 eshayela amatekisi, uNksz Mbali Luthuli, usephonsele inselelo izinhlaka zezokuthutha ezweni ukuthi zifakele izibuko isimo nenhlalo yokusebenza kosomatekisi, akuchaze ngokuthi akugwinyisi mathe nhlobo.

UNksz Luthuli wasoBuka, eMpangeni, enyakatho yaKwaZulu-Natal, kodwa manje ozinze eThekwini, njengoba eshayela amatekisi asuka KwaMashu, aye edolobheni - usho njalo engxoxweni ekhethekile neSolezwe, lapho ehlube khona udlubu ekhasini ngesimo sabo.

Uthe selokhu aqala ukwenza lo msebenzi ngo-2007, enzela ukuziphilisa futhi akwazi nokukhulisa izingane zakhe ezine, usemncane kakhulu umehluko osukhona kule mboni. Uthe zikokhu zande njalo izimo ezenza ukusebenza kwabo kungagwinyisi mathe.

"Inselelo enkulu ngomsebenzi wethu wukuthi sivuka ekuseni kakhulu nsuku zonke, size siqede ukusebenza ebusuku kakhulu. Lokhu kwenza ukuthi sihlale sikhathele ngenxa yokuthi asibi bikho isikhathi esanele sokulala siphumule ngokwanele. Kunzima kunjalo nje, uxoshwa noma yinini njengoba kuye kwenzeke ulale kungonakele lutho, uvuke ekuseni kuthiwe usuxoshiwe.

"Kwesinye isikhathi sisebenza ngisho sizizwa ukuthi asiphilile kahle, ngoba sisabele ukuthi uzothi uyalova, ubuye imoto obuyishayela isishayelwa womunye umuntu. Umsebenzi wethu yinto ongeke ukwazi ukuma ngayo. Akunasiqiniseko sokuthi uma usebenza, kusasa uzobe usekhona yini umsebenzi noma uzobe usuxoshiwe," kulanda uNksz Luthuli. 

Eqhuba, uthe bafisa ukuthi izinhlaka zezokuthutha zingenelele kulokhu ngokuthi zenze kube nemthetho ezogunyaza futhi ivikele ukusebenza kwabashayeli, kungabi lula ukuthi umane uxoshwe nje kungenasizathu, nokuzosiza ukwenza kube nemali eqondile okumele bayihole.

"Sihola imali encane kakhulu, futhi iningi lethu alizazi nokuthi lihola malini njengoba kuye kwenzeke uhole u-R500 ngesonto, kokunye uthole u-R1 000. Konke lokho kuholela ekutheni kungabi lula ukuhlela ukuthi imali yakho uyicaza kanjani ezidingweni zakho, ekubeni njalo kusamele sondle ngayo imindeni yethu, futhi sizondle nathi uqobo lwethu." kulanda yena.

Ebuzwa ngenhlalo yansuku zonke erenki, uthe akunzima kanjengoba abantu abaningi becabanga, ngenxa yokuthi babambisene yena nozakwabo ukuqhuba umsebenzi, ukwesekana uma kunesidingo, kangangokuthi baze bakhavelane uma kukhona owenze iphutha elithile kubona.

"Ngisho sekudliwa sihlala ndawonye, sithenge ukudla okunjengenhloko, inyama nokunye kwesipuni - konke esikwenza ndawonye ngoba siqonda ubunjalo bobunzima besimo esiphila nesisebenza ngaphansi kwaso, ngakho siyaye sivale ihlazo lomunye komunye," kusho yena.

Ukhale nangokuthi kuyadumaza ukuthi konke lokhu kuhlukumezeka kwenziwa ngabantu abamnyama kwabanye abamnyama, njengoba leli bhizinisi liphethwe kakhulu ngabantu bebala elinsundu.

"Kwesinye isikhathi sidelelwa noma siphathwe kabi yizingane nezihlobo zabanikazi bamatekisi bethu, kepha ungakwazi ukwenza lutho ngenxa yokuthi akunamthetho ongama ngawo ngenxa yendlela esiqashwe ngayo emsebenzini wethu," kukhononda uNksz Luthuli.

Uthe isimo sabo sidinga ukuthi uhulumeni usukume ngokushesha, kube khona izinhlelo ozenzayo zokubavikela ukuze kungabi lula ukuthi kwenzeke noma yini ethiya umsebenzi wabo.