Impilo Yabantu Intandokazi

Owaduma kwezemidlalo usesiza abafisa ukuba ngabahlengikazi

Simangaliso Ntshangase|Published

UNKK Lebohang Madubanya, omunye wabaholi beFuture Nurses Nursing School, isikhungo sezemfundo esizimele esizinze eGermiston, eGauteng

Image: SITHUNYELWE

UKUBONA ukuthi usefike esigabeni lapho asefeze cishe konke ayezifisela khona emkhakheni wokwethula izinhlelo zemidlalo nokunye okweyamene nakho, ngenye yezinto ezenza ukuthi uNkk Lebohang Madubanya ahlale ezihlupha ngokuthi yini ehlukile angayenza.

Ubaziwa ngelikaLebo Motsoeli esathula ezemidlalo. Unamava eminyaka engaphezu kuka-20 enza lo msebenzi awuqala ngo-2003. Wethule izinhlelo ezahlukene zethelevishini zezemidlalo kwiSABC, wasebenza isikhathi eside nakwiMetro FM. Eminyakeni emithathu edlule wanquma ukugxila emsebenzini weFuture Nurses Nursing School, isikhungo esicija izitshudeni ezifisa ukuba ngabahlengikazi esizimele esizinze eGermiston, eGoli, lapho befundisela khona.

"Bengidinga ukwenza into ehlukile ezonginika inselelo entsha nezongikhulisa ngenye indlela, ngase nginquma ukuthi ngizobambisana nomama kulo msebenzi owawuqalwe nguyena ngabo-2003 esawunesi, kepha ngangingakwazi ukumsiza kangako ngoba ngangisasebenza komunye umkhakha.

"Okunye okwenze ukuthi kube lula manje ukubambisana naye wukuthi kusukela ngimncane nami ngangifisa ukuba wumhlengikazi, kepha kwathi ngokuchuma kwezemidlalo kwagcina kusala kanjalo, njengoba sekufezeka ngendlela ehlukile manje," kusho yena.

Eqhuba uNkk Madubanya, uthe nakuba kungelula konke kepha kuyamjabulisa ukuthi kusukela ngo-2021 isikhungo sabo sihlale siphasa ngo-100% kulezi zitifiketi zalo mkhakha abacija izitshudeni kuwona, nezikwazi ukuzisiza ukuqhubeka zifundele lo mkhakha.

"Kuyajabulisa nokubona lo mbono uthela izithelo ezibonakalayo manje njengoba uke wama kancane ngo-2015 ngenkathi kusadingeka ukuthi kulungiswe eminye imicikilisho nemigomo yokusebenza, kwaze kwaqhubeka ngabo-2019 sekufana nokuthi siqala kabusha yonke into sesithole imvume yokucija izitshudeni zethu ngemfundo," usho kanje.

Uthe njalo ngonyaka baba nezitshudeni eziwu-14 okuthi uma sezidlule ezandleni zabo zikwazi ukuqhubeka ziqeqeshelwe lo mkhakha ngokuphelele kwezinye izikhungo zemfundo. Manje sebeqashe abasebenzi abawu-8 abasiza ukuqhuba umsebenzi wabo. 

"Inhloso yethu manje wukuthi kungekudala sibe sesikwazi ukumumatha izitshudeni eziwu-30 nangaphezulu, kanti futhi siyafisa nokuthi sigcine sesingeza ngeminye imikhakha eyamene nowobuhlengikazi ukusiza intsha enothando lokufunda," kusho uNkk Madubanya.