Impilo Yabantu Intandokazi

Ugila izimanga ngencwadi edayisa ubuthaphuthaphu

Simangaliso Ntshangase|Published

UNKK Nozipho Tshabalala ogila izimanga ngencwadi yakhe esihloko sithi After The Fires: Unlocking The Power of Letting Go

Image: SITHUNYELWE

USALOKHU eqhubeke njalo nokufohla futhi avule iminyango evalekile ngencwadi ehluba udlubu ekhasini ngempilo yakhe uNkk Nozipho Tshabalala, wencwadi ethi After The Fires: Unlocking The Power of Letting Go, esidayise amakhophi angaphezu kuka-5 000 ezinyangeni ezintathu iphumile.

Engxoxweni neSolezwe ngale ncwadi, uNkk Tshabalala uthe lena yincwadi elandisa ngempilo yakhe kusukela ekuzalweni kwakhe eZibomvini, ngaseMgungundlovu, iqhubekele ekutheni impilo yakhe yaba njani ngenkathi yena nomndeni wakhe sebehlala eMaqongqo, eMkhambathini nezimo ababhekana nazo.

"Ngixoxa nangobunzima engabhekana nabo nomndeni wami ngenkathi kusabhoke udlame ezweni eminyakeni edlule, okwaholela ekutheni kuze kushe umuzi wasekhaya.Ngiveza nokuthi impilo yethu yashintsha kanjani sesisuka kuleyo ndawo siyohlala endaweni exube izinhlanga e-Eastwood khona eMgungundlovu. 

"Kuyo futhi le ncwadi ngiveza obala nokuthi ukufunda ePietermaritzburg Girls High kwangisiza kanjani futhi kwaba namthelela muni empilweni yami, lapho engafika khona ngaba wumuntu wokuqala omnyama osezinhlakeni zobuholi babafundi. Ngiveza nokuthi kube njani sengifunda izifundo zePolitical Science e-University of Pretoria, okungesinye sezinyathelo ezasiza ukwenza ngibe yilo muntu engiwuyena manje," kusho uNkk Tshabalala.

INGAPHANDLE lencwadi kaNkk Tshabalala esihloko sithi After The Fires: Unlocking The Power of Letting Go

Image: SITHUNYELWE

Eqhuba, uthe lena yincwadi ezokwenza abantu babone futhi bakholwe wukuthi ubunzima nezinselelo obhekana nazo empilweni akunawo amandla okushintsha umuntu osuke uzimisele ngokukhula ube nguye. Nakuba edalula okuningi asekuzuzile empilweni, kepha ucacisa futhi abeke obala ukuthi akubanga lula kangakanani kulezo zinselelo ezazikhona.

"Ngidalula nokuthi ngawathola kanjani amathuba angisize ngaba yilo muntu engiwuyena manje. Ngibala ithuba engalithola lokuba yithwasa ehhovisi lowayeyiphini likamengameli wezwe, uNkk Phumzile Mlambo-Ngcuka, lapho engavuleka khona amehlo ngezinto eziningi zempilo futhi ngasizakala nangokuthola ithuba lokwenza iziqu zeMaster's in International Relations e-University of London, ngahlala isikhashana phesheya kwezilwandle," usho kanje.

Uthe okunye okuvela kuyona wukuthi uyiqale futhi wayichumisa kanjani iThe Conversation Strategist, inkampani yakhe esiza ukuhlela izinkulumo zabaholi bezepolitiki, yenze ibuye ihlele izingxoxo ezahlukene ezikhonjiswa ezinkundleni ezahlukene zobuchwepheshe.

Udalule nokuthi le ncwadi, aseyethule emadolobheni amakhulu ehlukene ezweni, wayethula nase-USA - kuleli sonto uzoyethula eHarare, eZimbabwe, okufakazela ukuthi ukwenza kahle kwayo kumvulela amathuba amakhulu kangakanani.

I-After The Fires: Unlocking The Power of Letting Go itholakala ngo-R290 kuya phezulu ezitolo ezahlukene ezidayisa izincwadi okubalwa kuzona i-Exclusive Books, e-Amazon naseTakealot.