UNKSZ Gcinile Mbatha, ophethe ophikweni lwemali enkampanini yokusansimbi iRio Tinto, ezinze eRichards Bay
Image: SITHUNYELWE
UKUBHEKELA ukuthi imali ingena futhi iphume ngendlela efanele yini enkampanini asebenza kuyona, aqikelele ukuthi inkampani ayenzi iphutha lokungabiki ngendlela efanele kwabezentela ukuthi imali iyisebenzise kanjani - ngeminye yemisebenzi azishaya isifuba ngayo owesifazane osophikweni lwemali kwenye yezinkampani ezinkulu ezenza imikhiqizo yokusansimbi.
Lowo nguNksz Gcinile Mbatha, ophethe ophikweni lwemali eRio Tinto, inkampani eyenza imikhiqizo yokusansimbi ezinze eRichards Bay, futhi engenye yezinkampani ezinkulu ezweni nezihlonishwayo ngamagalelo azo ekwenzeni lo msebenzi.
Elandisa ngomsebenzi awenza kule nkampani afike kuyona eminyakeni emithathu edlule, uNksz Mbatha uthe uhambo lwakhe kwezemali nokubala yinto eyaqala kudala, futhi okukade ayithanda - yingakho efunde wagogoda emkhakheni weChartered Accounting.
"Lona wumsebezi odinga ukuthi ube nolwazi olunzulu lwalo mkhakha ukuze uwenze ngendlela efanele, ngoba izinto eziningi ngawo ziqondene nemali nokukwazi ukubhalansisa amabhuku enkampani," usho kanje.
UNKSZ Gcinile Mbatha, ophethe ophikweni lwemali enkampanini yokusansimbi iRio Tinto, ezinze eRichards Bay, enyakatho yeKwaZulu-Natal
Image: SITHUNYELWE
Eqhuba, uthe ngaphambi kokusebenza eRio Tinto, usebenze iminyaka emine ophikweni lwezentela ezweni iSouth African Revenue Service, umsebenzi athi wamvula amehlo ngokuningi okuphathelene nemali nokuthi kuhwetshwa kanjani ngayo.
"Ngafunda lapho ngobumqoka bokugcina imali yenkampani ngendlela efanele nokuthi yiziphi izinto ezenza ukuthi inkampani ibe senkingeni neSARS uma ingayiphathi imali yayo ngendlela efanele, futhi ingalandeli yonke imigomo ebekiwe ngentela. Ngaphambi kwalokho nje bengisuka ehhovisi loMcwaningi-mabhuku jikelele, lapho engaqala khona ukusebenza futhi ngahlala iminyaka emihlanu ngenza imisebenzi ehlukene okubalwa nokuba yimenenja uqobo ngaphambi kokushiya sengiya eSARS," kulanda uNksz Mbatha.
Uthe lona ngomunye wemikhakha emqoka ezweni nokwazi ukuthi wenze imali ngawo, into nje wukuthi udinga uqale ufunde futhi ugogode ukuze uthole amathuba amakhulu njengalawa awatholile ngenxa yemfundo yakhe.
Lokho kufakazelwa wukuthi le ntokazi ezalwe eMpangeni, yakhulela eQonce, e-Eastern Cape, ineziqu ze-BCOM Accounting neHonors yawo lo mkhakha eyazenza eNelson Mandela University, bese kuba yiMasters in Commerce yaseNorth West University.
"Isifiso sami manje wukuqhubeka ngizakhele igama ngomsebenzi wami nangemfundo yami okuzosiza ngokuthi ngigcine sengisezikhundleni eziphezulu enkampanini enjengalena engikuyona manje," kusho uNksz Mbatha.