Impilo Yabantu Intandokazi

Uzicijela ukuba wumholi oqotho kweyezokuxhumana

Simangaliso Ntshangase|Published

UNKSZ Sibonginkosi Mthembu oyinhloko yophiko olubhekele abasebenzi namakhasimende enkampanini yezokuxhumana nehlela imicimbi, iMagaga Media & Communications

Image: SITHUNYELWE

UKUGCINA efinyelela esigabeni lapho amava akhe okuba wumholi aziwa ezindaweni ezahlukene ezibalulekile futhi ahlonishwe ngokwenza lokho ngendlela efanele, yizona zinto ezikhuthaza uNksz Sibonginkosi Mthembu ukuzikhandla ngomsebenzi wakhe.

UNksz Mthembu (25) waseBulwer kodwa osezinze eThekwini, uyinhloko yophiko olubhekele umsebenzi wansuku zonke nenhlalakahle yabasebenzi beMagaga Media & Communications, enye yezinkampani zezokuxhumana futhi ezihlela imicimbi eyahlukene ezilokhu zidlondlobala njalo ngemisebenzi eziyenzayo nezibandakanya kuyona.

"Ngikholwa wukuthi ukuqhubeka ngizikhandle ngomsebenzi wami wansuku zonke futhi ngizicije nangolwazi lwezinye izinto kuwona kuzongisiza ukuthi ngigcine ngifika esigabeni lapho umsebenzi namagalelo ami sekungikhulumela konke lapho engihamba khona," usho kanje.

Elandisa ngalesi sikhundla somsebenzi awenzayo naqale kusona ekuqaleni kwalo nyaka, uthe ubhekele ukuqinisekisa ukuthi bonke abasebenzi bawenza kahle umsebenzi wabo nokuthi aqikelele ukuthi amakhasimende abo aphatheka kahle kwakudingayo.

"Wumsebenzi wami ukuqinisekisa ukuthi azikho izinto ezithikameza abasebenzi emsebenzini wabo ngoba uma abasebenzi bengajabulile umsebenzi awuhambi kahle nanokuthi futhi kumele ngihlale ngiqikelela ukuthi amakhasimende ethu agculiseka njalo uma esebenzisana nathi emisebenzini eyahlukene ukuze kuqine ubudlelwano bethu nawo," kulanda yena.

Eqhuba, uthe uze ungena kulo msebenzi nje, wayekade enothando lomkhakha wezokwakha, kepha akangalithola ithuba lokuwufundela ngaleso sikhathi, okwenza ukuthi agcine enza izifundo zeBachelor of Social Science in Housing, aziphothule ngo-2021 eNyuvesi yaKwaZulu-Natal.

"Kanti angivelanga nganikwa isikhundla kule nkampani. Ngisuka kude nayo njengoba ngaqala ukusebenzisana nayo kusuka ngo-2018, ingakaziwa kangaka. Kwathi ngo-2018, ngaqashwa ngokugcwele okuthe ngokuzikhandla ngomsebenzi wami nokuzinikela kukho konke engikwenzayo, ngagixatshezwa ngalesi sikhundla. Kanti ngaphambi kwalokho, ngike ngabamba kafishane ohlelweni lomasipala we-EPWP ngo-2022 kuya ku-2023, kanjalo nase-call centre e-CCI, lapho engishiye khona sengiyokwenza izifundo zami zePost Graduate Diploma in Business Management yaseMancosa nyakenye," kusho uNksz Mthembu.