Impilo Yabantu Intandokazi

Okhule ekhonze ukudweba ugila izimanga kwezokwakha

Simangaliso Ntshangase|Published

UNKSZ Hlengiwe Ngubane, i-architectural designer egila izimanga kulo mkhakha wobuchwepheshe bezokwakha

Image: SITHUNYELWE

"NGENKATHI ngisakhula umama ubesebenza emajalidini abelungu, obekwenza ukuthi njalo uma ephuma khona asiphathele ama-crayon namanye amathuluzi okudweba ukuze sizidlalele ngakho ekhaya, engazi ukuthi kuzokwenza ngibe nentshisekelo yokudweba."

Usho njalo uNksz Hlengiwe Ngubane, elandisa ngohambo lwakhe ngomkhakha asegxile kuwona we-Architecture, okuwumkhakha wezokwakha futhi ohambisana nemisebenzi ebandakanya ukudweba uhlelo lokuthi indlu yakhiwe kanjani, bese besiza abantu ngokubacebisa ngokuthi bakhe imizi ezindaweni ezinjani, nokumele bakugweme.

UNksz Ngubane, udabuka eMpophomeni, eMgungundlovu, kanti manje uzinze eThekwini ngalo msebenzi awenzayo. Manje engenye yama-lecturer aseDurban University of Technology (DUT), lapho efundisa khona isifundo salo mkhakha iConstruction Technology.

UNKSZ Hlengiwe Ngubane, i-architectural designer egila izimanga emkhakheni wobuchwepheshe bezokwakha

Image: SITHUNYELWE

Ngale kwalokho ungomunye wabasunguli benkampani edweba amapulani ezindlu, iKhumalo's House Plan ayihola noMnuz Sthembiso Khumalo. Udalule nokuthi kumanje uvele umatasa ne-app ebizwa ngeProject X, abheke ukwenza umehluko ngayo kule ndima.

"Le app izosiza ngokuxhumanisa amakhasimende nomakhi abehlukene futhi abathenjwayo kulo mkhakha. Izokwenza ukuthi kube lula ukulandelela wonke umsebenzi abasuke bewenza ukuthi bawenza ngendlela efanele yini.Izokwenza ukuthi kube nendlela yokufaka imininingwane yalowo nalowo msebenzi osuke sewenziwe uma kwakhiwa.

"Izokwazisa ikhasimende ukuthi kungakanani okusuke kusadinga ukwenziwa andukuba kuphele wonke umsebenzi wokwakha. Izosiza nangokuthi singabi bikho isidingo sokunika umakhi imali yokuthenga impahla yokwakha, njengoba kuzoba nendlela yokuthi uthenge konke okudingekayo ngokwakho usebenzisa yona. Izosiza nangokuthi uma ufuna ukwakha, ikucebise ngokuthi indlu yakho kumele ime kanjani," kusho uNksz Ngubane.

Eqhuba, uthe lona womunye wemikhakha emqoka kakhulu newusizo ebantwini ngokubasiza ukuthi uma befuna ukwakha bahlome ngolwazi lokuthi kumele bakhe kanjani. Kungagwemeka nezingozi ezihlale ziba khona zokudilika kwezindlu zabantu ngenxa yokuthi kunezinto eziningi abasuke bengaziqaphelanga ngenkathi beqala uhlelo lokwakha izindlu.

"Wumkhakha onamathuba amaningi, futhi osimama kalula kuwona uma usungene kahle wathola nentuba yokwenza ukuthi wehluke kwabanye. Okunye okuqaphelekayo ngawo wukuthi ugcwele abesilisa, okungenye yezinto ezingikhuthaze ukungena ngigxile kuwona ngenhloso yokukhombisa ukuthi abesifazane bangangena kuwona," usho kanje.

Ebuzwa ngezinhlelo zengomuso uthe: "Ngifuna ukuqhubeka ngikhiqize intsha ezokhula ibe nolwazi olunzulu lwalo mkhakha, nokuthi amava ami alo msebenzi angisize ukuthi kuvuleke eminye iminyango eminingi namathuba amaningi okuthuthuka ngalo msebenzi. Ngifuna ukuba  wusizo ebantiwni basezindaweni zasemakhaya ngokubanikeza ulwazi lokwakha izindlu zabo ngendlela engezukuba nabungozi kubona."

UNksz Ngubane uneziqu zeBachelor of Architectural Studies, Bachelof of Architecture Honours ne-Master of Architecture kokuthathu akufundiswe e-University of KwaZulu-Natal; iCertificate in Contruction Project Management yase-University of Johannesburg; bese kuzoba yiDoctor of Philosophy in Architecture aqhubeka nayo kumanje e-DUT.