UNKK Halalisiwe Mncwango, umnikazi webhizinisi lendawo yokudlela iHala Lisa elisePort Shepstone, ogwini oluseningizimu yeKwaZulu-Natal
Image: SITHUNYELWE
UKUBA yikholwa leNkolo yokuKristu futhi elihamba ngezimiso zokuthi uNkulunkulu akalenzi iphutha nokuthi yonke into yenzeka ngesizathu - kwasiza uNkk Halalisiwe Mncwango ukuthi angaphonsi ithawula empilweni ngenkathi ehlelwa yisimo esashintsha indlela ayephila ngayo, ngenkathi eshonelwa wumyeni ngo-2016, okwakuwuyena owayebhekele konke emndenini.
Yashintsha kanjalo impilo kuNkk Mncwango, owayehlala eWestville, eThekwini, ngaleso sikhathi. Walahlekelwa cishe yikho konke ayekwakhe ngokuhlanganyela nomyeni wakhe, okwaphoqa ukuthi abuyele ekhaya eMurchison, ePort Shepstone, ayoqala impilo kabusha ukuze akhulise izingane zakhe ezintathu.
Iqale kanjalo inkampani yakhe iHala Lisa, esigila izimanga ngakubo ngendawo yokudlela nemisebenzi eyahlukene eyamene nalokho kubalwa ukuphekela imicimbi eyahlukene, ukucija abantu abanothando lwalo msebenzi nokubolekisa ngezinsizakusebenza zalokho.
UNKK Mncwango nabanye abasebenzi baseHala Lisa
Image: SITHUNYELWE
"Leli bhizinisi akubanga yinto elula neze ukuliqala njengoba lasunguleka emva kwalesi simo esinzima esangehlela sokushonelwa ngumyeni owayebhekele konke ekhaya lethu, okwenza ukuthi ngiphoqeleke ukusukuma ngizithathe ukuze ngikwazi ukuqhubeka nempilo ngoba esaphila kwakunguyena owayebhekele cishe zonke izindleko zekhaya lethu," kusho yena.
Eqhuba uthe indlela okwaba nzima ngayo esewumfelokazi kwase kuba nezikhathi lapho ayesenikelelwa khona ngabantu nabazalwane bebandla akhonza kulona ukuze impilo iqhubeke ekhaya baxoshe nekati eziko nabantwana bakhe.
"Yilokho okwangisukumisa, kwathi ngo-2017 ngaqala kancane ngesitolo esincane ngasekhaya, ngidayisa ukudla, njengoba ngangivele ngikhonze ukupheka kusuka ngisakhula, kodwa ngangingakaze ngicabange ukuthi kungaba yinto engiphila ngayo ngelinye ilanga. Siqale kanjalo, kwagcina kukhula umsebenzi esiwenzayo - ngiyakhumbula nje ukuthi umsebenzi wokuqala omkhulu esawenza nowakhulisa igama lethu kwaba wukupheka emcimbini omkhulu wangasekhaya Ugu Jazz Festival ngo-2019," kulanda uNkk Mncwango.
KUBA kuhle kanje emcimbini uma sekufike abeHala Lisa
Image: SITHUNYELWE
Bakhele kulowo msebenzi, bagcina sebakha indawo yabo yokudlela eqale ukusebenza ngo-2021, aseqashe abasebenzi abawu-11 kuyona, kube abathathu abamsiza uma beyopheka emicimbini ethile, abayisishiyagalombili abasiza e-canteen nabane abasiza uma bezobolekisa ngeloli labo lokuphekela emicimbini eyahlukene abasuke beqashwe kuyona.
"Indawo yethu yokudlela ikwazi ukumumatha abantu abawu-60, kanti igabe ngokuthi ayimbi eqolo, ishaya ngokudla okujwayelekile nokuthandwa ngabantu bonke, kanti futhi okunye okusisebenzelayo wukuthi sisendaweni yasemakhaya nebidume ngezinto ezingalungile eminyakeni edlule, sekunomehluko manje njengoba banda abantu bakwezinye izindawo abathanda ukuzoyibona," kusho yena.
INGAPHANDLE lendawo yokudlela iHala Lisa esePort Shepstone, ogwini oluseningizimu yeKwaZulu-Natal
Image: SITHUNYELWE
Mayelana nezinhlelo zengomuso, uNkk Mncwango uthe uhlela ukuqhubeka aphucule indawo yakhe yokudlela ibe ngeyezinga eliphezulu, okuzokwenza ukuthi ihlonishwe futhi ithandwe kakhulu endaweni.
"Ngifisa nokuthi ngigcine nginesikole sokufundisa abantu abanothando lwale mboni, futhi ngibasize ukuze bathole amava alo msebenzi futhi bakwazi nokuzimela ngokuqhubeka kwesikhathi. Ngihlose nokuqhubeka ngisebenzisane nezinkampani ezinkulu nezinhlaka ezahlukene kuhulumeni, ezizimele nezihlonishwayo ukukhulisa igama lethu," usho kanje.