UDKT Senzekile Majola uthweswe iziqu zobudokotela i-Degree of Doctor of Philosophy in Chemistry e-DUT
Image: SITHUNYELWE
IZITHELO zokuzikhandla kukaDkt Senzekile Majola zifakazele isisho esithi ukubekezela kuzala impumelelo, ngenkathi ethweswa iziqu zakhe zobudokotela i-Degree of Doctor of Philosophy in Chemistry yiDurban University of Technology (DUT), emcimbini obuse-Olive Convention Centre, eThekwini, ngoLwesihlanu.
UDkt Majola (26) udabuka eNsimbini, eFolweni, kanti kumanje usebenza khona eDUT lapho efundisa khona izifundo zobusayensi bezekhemisi emkhakheni i-Faculty of Applied Sciences.
Uthe kusukela esakhula isifiso sakhe kwakuwukuthi unina (ongasekho emhlabeni) abone izithelo zokuzikhandla nokusebenza kwakhe kanzima, elwela impumelelo. Nokho ngeshwa akubange kusenzeka kanjalo, njengoba kwathi ngoSepthemba, wango-2017 - yashona intombi emzalayo.
"Ngo-2018, ngabuyela eDUT ukuyokwenza izifundo zami ze-BTech ngibe ngisaphukile emoyeni ngenxa yokushonelwa wumama. Ngiyakhumbula ukuthi ngendlela okwakunzima ngayo, ngangiqhubeka nezinhlelo zokwelulekwa ngokwengqondo futhi ngisebenzisa nemishanguzo yokubhekana nobunzima balesi simo, kube futhi kufanele ngenze kahle ezifundweni zami. Kwakungelula neze kodwa ukushisekela ukufeza into engangiyiqalile yikhona okwangikhuthaza ukuqhubeka, ngibe ngibeka eqhulwini nempilo yami," usho kanje.
Uzichaze ngokuthi uwumuntu ophokophelayo kuyo yonke into ayenzayo empilweni nohlale ezihlupha ngokufuna ulwazi lwezinto ezahlukene angazazi futhi akaphezi ukuziphonsela inselelo ngokuzithwasisa ngolwazi lwemfundo, okusize ukumbeka lapho ekhona manje.
"Uma ngibheka emuva lapho engisuka khona, ngiyabona ukuthi uhambo lwami belungelula neze kusukela ngisenza iziqu zami zokuqala kuze kuzofika kulesi sigaba engikusona manje. Ngo-2017, ngenkathi ngisayithwasa, ngakhuthazwa wukuthi ngangisebenza eduze nozakwethu owayenza iMaster's yakhe ngaleso sikhathi, okwangivula amehlo ngokuningi, kwenza ngakhuthala ukufika kulesi sigaba esengikusona manje," kusho uDkt Majola.
Elandisa ngocwaningo lwezifundo zakhe, uthe belubheka izindlela zokwenza imishanguzo namakhambi ezempilo ehlukene nazosebenziseka futhi atholakale kalula ebantwini abakudingayo ukusiza ukuletha umehluko emphakathini.
Konke lokho akubanga lula neze njengoba kwathi esaqhubeka nocwaningo lwakhe ngo-2023, waphazanyiswa wukuthi abamsiza ukulwenza nababhekele ukuqhubeka kwalo bahlaba ikhefu ngenxa yokungaphatheki kahle empilweni, okwaholela ekutheni alahlekelwe wunyaka wonke, akangakwazi ukuphothula izifundo zakhe ngesikhathi esifanele.
Uthe ushisekele ukubona umphakathi uthuthuka futhi uba nentshisekelo ukungena kwezesayensi yobukhemisi. Yingakho enenhlangano engenzinzuzo iThokazi Helps, esiza abafundi baka-matric ukufaka izicelo zokufunda nokuxhaswa ezifundweni zesayensi.