UNKSZ Noluthando Chisane, umsunguli womcimbi iYoung Women In Relationships Seminar
Image: SITHUNYELWE
ABANTU besifazane abanabantu abathandana nabo bazothola ithuba lokubhoboka ngakho konke okubahluphayo othandweni abakulona futhi bacobelelane ngokuthi yikuphi okumele bakwenze nokumele bakugweme ukuze kuhlale kukuhle futhi kumnandi othandweni.
Lokho kuzokwenzeka kwiYoung Women In Relationships Seminar, umcimbi wokucobelelana ngezothando obhekiswe kakhulu kwabesifazane abasothandweni nabafisa ukuqala ukuba nomaqondana, ozoba seThe Blue Waters Hotel, eThekwini ngo-11 ekuseni ngoMgqibelo ngo-Agasti 16.
Umsunguli walo mcimbi, okhuza ibuya ihlandla lesikhombisa nonyaka, uNksz Noluthando Chisane, uthe okwenze wanquma ukuwubuyisa kulo nyaka wukuthi wayegcine ukuwenza ngo-2023 futhi besilokhu sande njalo isibalo sabantu abamcela ukuthi awenze, bencoma igalelo lawo ukubasiza ngamasu okuqinisa uthando lwabo eminyakeni edlule.
“Okunye ngawo wukuthi inhloso yami wukuqhubeka ngiqwashise abantu besifazane ngezinto okumele baziqaphele othandweni , nokuthi ngiyakuqonda ukuthi abanye babo banezinto ezibahluphayo othandweni - ngakho ngifuna ukusebenzisa lo mcimbi ukubanika ithuba lokubhoboka ngakho konke okubahluphayo,” usho kanje.
Eqhuba, uNksz Chisane owumnikazi webhizinisi lemikhiqizo yezobuhle Uthando Glow Skin Care, udalule ukuthi njengenhlalayenza kuzoba nezikhulumi - nonyaka okukhona kuzona isikhulumi sezinkulumo ezakhayo futhi esiwumbhali uScelo Mncube, yi-life coach uNomonde Mhlongo, Impunga Yesintu egqame emsakazweni iGagasi FM, Lungiswa Ndlangisa osezakhele udumo ezinkundleni zokuxhumana ngokuhlale ephumela obala ngezimo ezenzeka othandweni akulona noNtokozo Thembani weVuma FM - oyobe ephethe uhlelo emcimbini.
ULUNGISWA Ndlangisa ngesinye sezikhulumi ezizobe zikhona kwiYoung Women In Relationships Seminar
Image: SITHUNYELWE
“Okunye okubalulekile engifisa ukukucacisa wukuthi nakuba umcimbi uqondene kakhulu nabantu besifazane, kepha sinxusa nabesilisa ukuba bakhaphe izithandwa zabo ukuze bezwe izinto ezibahluphayo nabangazithandi ezenzeka othandweni lwabo, okuzosiza ukuthi zigwemeke ngokuqhubeka kwesikhathi. Kanti nabo abesilisa bazothola ithuba lokuveza okubahluphayo ukuze kusizwane,” kusho uNksz Chisane.
UNOMONDE Mhlongo ngesinye sezikhulumi ezizobe zikhona kwiYoung Women In Relationships Seminar
Image: SITHUNYELWE
Uthe emcimbini ulindele ukuthi kubuthane abantu abawu-100, kanti amathikithi okungena kuwona abiza u-R300 umuntu emunye no-R550 awabantu ababili.
INTATHELI yeVuma FM izobe iphethe uhlelo emcimbini iYoung Women In Relationships Seminar
Image: SITHUNYELWE
Ingqikithi yomcimbi walo nyaka ithi “Love & Connection, Healing Ourselves, Strengthening Us. For Women, With or Without Partners, Because Every Relationship Starts With You” - okusho ukuthi kuzobhungwa ngezothando, kwelashwane emanxebeni adalwe wuthando, bese kuqiniswana kubhekwe phambili - okuqondiswe kakhulu kwabesifazane.