UNKSZ Kholeka Dlamini, umnikazi webhizinisi elidayisa izimpahla zokugqoka iNicole's Collection
Image: FACEBOOK/KHOLEKA NICOLE DLAMINI
NGESIKHATHI engena ebhizinisini eminyakeni eyisikhombisa edlule wayenzela ukugwema ukungabi namali enyuvesi, kwathi ngokuhamba kwesikhathi wabona ukuthi yize kungasheshi ukwenza inzuzo nokuchuma kodwa kuyaphileka.
Lokhu kwamkhuthaza uNksz Kholeka Dlamini, ukubambelela ebhizinisini ngisho nasezimeni lapho kungasathembisi.
UNksz Dlamini ungumnikazi weNicole’s Collection, ibhizinisi lapho ethengela khona amakhasimende akhe izimpahla zokugqoka nokunye, bese ewathengisela.
Engxoxweni neSolezwe, uNksz Dlamini (27) udalule ukuthi uqale leli bhizinisi ngo-2018, enza izifundo ze-Diploma in Public Relations e-University of South Africa, enzela ukuthi kwehle umthwalo kubazali bakhe, angabi wumthwalo ngayo yonke into edinga imali.
“Ngaqala ngokuthenga izikhwama ezintathu ngoR600 engangiwubolekile, ngase ngizidayisela abazalwane basebandleni engikhonza kulona i-Word Empowerment Church. Bazithenga ubuthaphuthaphu impela ngaleso sikhathi njengoba kwakulungiselelwa iPhasika ngoba cishe wonke umuntu wayefuna ukuba muhle, akhazimule enkonzweni. Kuqale kanjalo, bangeseka kakhulu ebandleni, kwaze kwafika lapho kwenziwa umbuthano wezamabhizinisi khona enkonzweni, ngasebenzisa wona futhi ukumaketha umsebenzi engiwenzayo, anda kanjalo amakhasimende ami,” kukhumbula uNksz Dlamini.
UNKSZ Kholeka Dlamini, umnikazi webhizinisi elidayisa izimpahla zokugqoka iNicole's Collection
Image: FACEBOOK/KHOLEKA NICOLE DLAMINI
Omunye umuntu angacabanga ukuthi lokhu kwaba yisiqalo sezinto ezinhle zodwa kwiNicole’s Collection. Nokho akubanga njalo njengoba kwathi ngo-2019 lawa bhu ibhizinisi likaNksz Dlamini, ngenxa yephutha alenza lokusebenzisa imali yebhizinisi ezintweni ezingahlangene nalo, kwaze kwaholela ekutheni alimise nse.
AMA-oda eNicole's Collection eseluungele amakhasimende awo
Image: SITHUNYELWE
“Kwathi ngisamile kancane ebhizinisini, ngagxila ezifundweni nasekumodeleni engase ngingene shi kukho ngaleso sikhathi, futhi yikhona okwase kudla kakhulu imali yami, kangangokuba kuze kuwa ibhizinisi nje, yingoba ngangizama ukuzithuthukisa kukhona. Nokho kuthe ngo-2023 ngabuya ngamandla futhi, ngalibuyisa ngoR1 000, engathenga ngawo isitokwe sokuqala, sengingeze ngezimpahla zokugqoka - ngengeza ezikhwameni engangiqale ngazo,” kusho yena.
Uthe amakhasimende akhe amaningi aseMlaza lapho ehlala khona manje, eThekwini, eGoli naseMtshezi, maphakathi neKwaZulu-Natal, lapho adabuka khona.
AMA-oda eNicole's Collection eseluungele amakhasimende awo
Image: SITHUNYELWE
Uthe kuqala kuR100 kuya phezulu ukuthenga impahla kuyena, kuncike ekutheni udinga hloboluni lwemphala futhi engakanani.
“Nakuba kungahlale kumnandi kodwa angizisoli ngokuqala ibhizinisi futhi ngikhuthaza nabanye ukuba bahambe ezinyathelweni zami ukuthi nabo baqale amabhizinisi abo ngoba ukuba nebhizinisi kufundisana ukuzimela nokukwazi ukubeka imali. Nokuthi isikhathi esiphila kuso manje sidinga ukuthi unganciki entweni eyodwa ngoba izinto zijika noma yinini,” usho kanje.
Mayelana nezinhlelo zengomuso, uNksz Dlamini uthe ufisa ukuthi iNicole’s Collection ikhule ngendlela yokuthi ize imzalele amanye amabhizinisi ezitolo, nayo ibe nesitolo sayo sezimpahla zokugqoka nokunye.