Impilo Yabantu Intandokazi

Kuzoyalwa abesifazane ukulwa nenkinga yokuhlukana kwabaganene

Simangaliso Ntshangase|Published

UNKK Smangele Masuku wenhlangano engenzi inzuzo iWomen Praying For Women

Image: SITHUNYELWE

EBHAYIBHELINI encwadini yeZaga zeNkosi uSolomoni, esahlukweni u-14  evesini lokuqala, kunombhalo okhuthaza futhi uxwayise abantu besifazane ukuqaphela indlela abenza izinto ngayo othi: “owesifazane ohlakaniphileyo uyakha indlu yakhe, kepha oyisiwula uyayidiliza ngezandla zakhe.”

Wukubuswa yilawo mazwi okukhuthaze uNkk Smangele Masuku, wenhlangano engenzi inzuzo iWomen Praying For Women, ukukhuza ibuya okwesibili ngomcimbi wakhe othi, Umshadikazi Retreat, ukuzoqhuba umbono wakhe wokukhuthaza futhi acebise abantu besifazane ukugcina imishado yabo, nokugwema ukuhlukana emendweni.

UNkk Masuku, odabuka KwaMashu, kodwa osezinze eMlaza, useneminyaka ewu-15 eshadile, kanti nonyaka uzokwenza lo mcimbi eBalmoral Hotel, eSouth Beach, eThekwini ngoJuni 28, kusukela ngo-10 ekuseni. Kuyobe kungenwa ngoR400 owesifazane ngamunye.

Exoxa ngawo neSolezwe uthe: “Inhloso yami wukubuyisa isithunzi semishado ngoba njengoba ngiwumKhrestu, nginenkolelo yokuthi umshado uyisibusiso esivela kuNkulunkulu."

 

UNKK Smangele Masuku wenhlangano engenzi inzuzo iWomen Praying For Women

Image: SITHUNYELWE

Uthe nonyaka uzohlaganisa abantu besifazane abawu-50 abaganile nabangaganile ukuzobabonisa ngezinto akholwa wukuthi ukuziqaphela kungenza ukuthi labo abaganile bazinzise imishado yabo. Kulabo abasafuna umendo, kumele bavuleke amehlo okuzokwenza ukuthi bangene emshadweni sebekuqonda okudingeka kubona.

“Sizobhunga ngezinkinga ezahlukene okukhona kuzona inselelo evame ukususa umsindo yezingane ezisuke zizalelwe ngaphandle komshado, sicebisane ngokuthi kumele kuphilwe kanjani ukugwema umsindo odalwa yilokho."

Uthe kuzokhulunywa nangezihlobo ezinhlangothini zombili zomndeni.

"Sibheka ukuthi lezi zihlobo ziwuthikameza kanjani umshado uma zingakhalinywa. Sizobuye sibhunge nangokuthi imali kumele iphathwe kanjani ukuze ingasusi umsindo, nokuthi ukwehlukana ngenkolo kwabaganene kungenziwa kanjani ukuthi kungasusi umsindo. Ayizukusala neyokuhlukumezana kwabantu abathandanayo ngoba kungenye yezinto ezisibeke lapho sikhona manje empilweni,” kulanda uNkk Masuku.