Impilo Yabantu Intandokazi

Uthweswe iziqu obecwaninga ngokuhlukumezana kwezingane emjolweni

Simangaliso Ntshangase|Published

UNKSZ Noxolo Sibisi, uthweswe iziqu ze-Master of Social Science e-UKZN

Image: SITHUNYELWE

UKUQAPHELA nokukhathazeka ngokwanda kwezigameko zokuhlukunyezwa kwabantu besifazane nezingane emphakathini, okuningi kwakho okweyamene nodlame nezenzo zokuhlukumeza ezenziwa ngabesilisa abathandana nabo, kwenze isifundiswa saseNtshangwe, entshonalanga yeTheku sazihlupha ngesingakwenza ukuxazulula le nkinga.

Lwaqala kanjalo uhambo lwezifundo zikaNksz Noxolo Sibisi zeMaster of Social Science, lapho enze khona ucwaningo olusihloko sithi An Exploration of the Exposure of High School Teenagers to Gender-based Violence with Specific Focus on Intimate Partner Violence: A Case of Selected School in Inchanga", olubheka izizathu nezimo eziholela ekutheni izingane ezincane noma abantu abasha bahlukumezeke othandweni.

UNksz Sibisi (27) ungesinye sezifundiswa ezisanda kuthweswa iziqu yi-University of KwaZulu-Natal, ezifundweni ze-Master of Social Science, ngalolu cwaningo adalule ukuthi uze ugxila kulona nje, yingoba bese kukaningi eqaphela izimo zokuhlukumezana kwabantu abasha abathandanayo ngakubo.

"Ocwaningweni lwami ngithole ukuthi izingane eziningi eziba nale nkinga zikhulela emakhaya lapho udlame lwabesilisa kubantu besifazane bomndeni luba yinto ejwayelekile nje futhi engasukunyelwa, okwenza ukuthi nabo labo bafana noma abesilisa abakhulele emindenini enjalo kube yinto abakhula bayenze kwabesifazane abathandana nabo. Okunye kwakho bakwenza bezitshela ukuthi kungenxa yothando, kanti akunjalo. Ngithole nokuthi abanye baze bazitshele ukuthi ukutshelwa ngabantu abathandana nabo ukuthi mabagqoke futhi bakhulume kanjani nabo kusho ukubakhathalela," kusho uNksz Sibisi.

Uthe ngesikhathi eqhubeka nalolu cwaningo, uthole ngesimo esibandakanya intombazane ena-17 ebihlukunyezwa yisoka layo, ebeliyiphoqa ukuthi ilikhombise umakhalekhukwini wayo, liyilawula ukuthi iphile kanjani - bese liyishaya uma ingahambisani nelikushoyo.

UNKSZ Noxolo Sibisi, uthweswe iziqu ze-Master of Social Science e-UKZN

Image: SITHUNYELWE

"Le ntombazane ibingakwazi ukuhlukana nalo mfana ngoba ibheke yena ukuyisiza ngemali futhi yesaba ukuthi izohlulelwa ngabanganai bayo uma ihlukana naye. Leyo ngenye yezinkinga ezivamile emphakathini esiphila kuwona. Amantombazane avame ukungena othandweni enzela ukuthola izinto ezithile okungaba yimali, wukuthengelwa ama-data omakhalekhukhwini nokunye. Lokhu kwenza kube nzima ukuphuma othandweni  oluwahlukumezayo ngisho ebona ukuthi ahlukumezekile," usho kanje.

Uthe okunye akuthole ngenkathi ecwaninga wukuthi abanye abafana abagcina behlukumeza amantombazane abathandana nawo basuke bengaqondile, kepha bakwenza ngenxa yokufuna ukuzibona bebakhulu nokuthi baba nento yokuthi lokho kuzokwenza babe ngamadoda angempela, bengaboni ukuthi sebeyaphaphalaza. 

UNKSZ Noxolo Sibisi, uthweswe iziqu ze-Master of Social Science e-UKZN

Image: SITHUNYELWE

"Okunye okuholela kulezi zinkinga futhi wukuthi izingane ziyaqaphelana, zilandelelane ukuthi ontanga bazo benzani ezinkundleni zokuxhumana, okwenza ukuthi ezinye zazo zibe nomona kwezikubona kwenzeka kwabanye, bese lokho kuba nomthelela omubi othandweni lwazo. Ngithole nokuthi othisha bazo basuke bazi ngalokhu kepha bengazi ukuthi bazobhekana kanjani nakho, nokuthi ezikoleni azikho izinhlelo nemikhankaso yokubalekelela ukuxazulula lezi zimo," kusho yena.

UNksz Sibisi uthe konke lokhu kuhamba kuze kuholele ekutheni abantu abasha babe nokhwantalala, futhi behlelwe wukuzethemba okugcina kuba nomthelela omubi ezifundweni zabo, abanye balove esikoleni noma bagcine beyeka kwakufunda.

"Kumele izingane zifundiswe ezikoleni ukuthi kubanjani othandweni oluhle nolufanele.Kumele  kube nezinhlelo zokulekelela abahlukumezekile. Nokuthi kumele kuqiniswe kwezobuchwepheshe, izingane kumele zazi ukuthi yiziphi izindlela zobuchwepheshe ezingazisebenzisa ukuzivikela," kusho yena.

UNksz Sibisi ubonge uNkulunkulu ngokuma naye kulolu hambo lwezifundo zakhe, umndeni nabangani bakhe ngokumeseka njalo nalapho obekubukeka kungasathembisi khona, wabonga nomphathi wakhe, uDkt Londeka Ngubane, obemlekelela ukwenza lolu cwaningo.