UNKSZ Mamello Masote, imenenja yophiko lwezobudlelwano nokuxhumana eMomentum
Image: SITHUNYELWE
EKHULA ubebabele ukuba wumbhali kodwa ngenxa yokunganakeki kwemikhakha eyamene nalokho, akakwazanga ukulandela ‘ubizo lwakhe lokubhala’ uNksz Mamello Masote, owagcina enze izifundo ze-Bachelor of Commerce in Financial Accounting, athweswa iziqu zazo e-University of Cape Town (UCT) ngo-2009.
Nokho ngenxa yothando analo ngomkhakha wokubhala, uNksz Masote waseKatlehong, eGoli, wathola ithuba lokuba yithwasa lentatheli e-Arena Holdings, eyayibizwa nge-Times Media ngaleso sikhathi, okwamvulela iminyango nakwezinye izinkampani zamaphephandaba esiNgisi, waba yintatheli yezindaba zamabhizinisi iminyaka emine enza lo msebenzi.
UNksz Masote, oseyimenenja yophiko lwezokuxhumana esikhungweni sezezimali esizimele iMomentum, uthe yikho konke lokho okumsize ngamava okukwazi ukusebenza kahle nabantu, enye yezinto eziwukhiye womsebenzi awenzayo kozakwabo nakubasebenzi abaholayo.
Uthe: “Abantu abakuqondi ukuthi umkhakha wobuntatheli unzima kangakanani nokuthi uphekana kanjani ukuze ukwazi ukusebenzisana nabantu nokuxhumana nabo ngendlela efanele, into okwakungelula ukuyifunda kodwa manje isithela izithelo emsebenzini wami.”
Le ntokazi, ejoyine iMomentum ngo-2023, yaqala ukusebenza iseyi-credit controller kwenye yezinkampani zobuchwepheshe isanda kuphothula iziqu zayo, kanti ngo-2016 isebenze ophikweni lwe-US Embassy olukuleli, yase isebenza kwenye yezinkampani zokuxhumana iBold.
“Wonke la mava abe wuhambo olubalulekile empilweni yami futhi angisiza angicijela isigaba sempilo engikusona manje. Manje umsebenzi wami eMomentum wukuqinisekisa ukuthi sinamaqhinga afanele okuthi imikhankaso nemisebenzi eyahlukene esikwenzayo kufinyelela ngendlela efanele nesifisa ngayo ebantwini esisuke siqonde kubona,” usho kanje.
UNKSZ Mamello Masote, imenenja yophiko lwezobudlelwano nokuxhumana eMomentum
Image: SITHUNYELWE
Mayelana nezinselelo zomsebenzi wakhe uthe akukho okutheni - ngaphandle kwenselelo yokuthi ubhekana nezinhlobo zabantu abahlukene, okudinga ube nesineke sokukwazi ukufeza konke okudingekayo nokulindeleke kuyena ukuze kube yimpumelelo.
“Okwamanje nje ngisathi ngibheke kakhulu ukuqhubeka ngikhule emsebenzini wami nsuku zonke, angikafuni ukuzifakela ingcindezi yokufuna ukwenza izinto eziningi nezinkulu kakhulu ngesikhathi esisodwa ngoba angifuni ukucindezeleka,” kusho uNksz Masote.
Ucebise abantu ngokuthi abanganeni emkhakheni akuwona ngoba befuna imali noma ukuceba ngoba akuwona umkhakha ongaceba ngawo. Okunalokho ukahle uma uwumuntu ofuna ukuthi impilo iqhubeke ngendella ejwayelekile, futhi usuke ufike ekhaya-ke uma ukhonze ukuhambela izindawo - ngoba kuyahanjwa kakhulu kuwona."
Uthe usumhambise kuzona zonke izifundazwe zakuleli, nakwamanye amazwe ko-England nako-USA.
Related Topics: