Impilo Yabantu Intandokazi

Ungenisa nasesilungwini owaqala ngamakhasimende amabili elokishini

Simangaliso Ntshangase|Published

UNKSZ Qhubo Ngema, umnikazi weBashazela yaseLindelani, eThekwini

Image: SITHUNYELWE

UBUHLE bomsebenzi wakhe wokuhlanza amateku nokuwasha izimpahla zokugqoka nezokulala, kuthela izithelo kusomabhizinisi waseLindelani, enyakatho yeTheku, njengoba ukuzikhandla kwakhe ebhizinisini lakhe sekudonse neso labantu basezindaweni ezaziwa ngokuthi ngezabaphila impilo ephezulu koDurban North, eGlenwood naseBallito.

Lowo wuNksz Qhubo Ngema, umnikazi weBashazela - inkampani yokuhlanza ayiqale ngo-2021, athi wayiqala ngamakhasimende amabili awawashela amateku ngakubo, kwaya ngokuya yagcina likhula futhi lindlobolala njengoba seyinamakhasimende amethembayo.

Uthe uze uqala ibhizinisi nje, indaba yaqala ngokuthi emva kokuphothula u-matric eNewcastle High ngo-2015, wayengazi ukuthi yini azoyifundela ngoba wayengenanhloso yokufundela imisebenzi yemikhakha ethile, ephushwa yintshisekelo yokuchuma ngamabhizinisi, kepha ngaleso sikhathi engakazi ukuthi angaqala liphi ibhizinisi.

“Ngahlaba ikhefu lonyaka owodwa, kwathi ngonyaka olandelayo ngabonisana nomndeni wami ukuthi kube khona engikufundelayo ukuhlomela ikusasa, ngase ngenza izifundo zobumeli e-UKZN ngo-2017. Ngangizwa kahle ukuthi le nto engiyenzayo angiyithandi. Kuthe ngabo-2021 sekubhoke iCovid-19, ngathola ithuba lokuma esikoleni emva kokuqala kohlelo lokuthi kumiwe kancane ekufundeni ngenxa yalo mkhuhlane. Yilapho engakwazi ukuthola ithuba lokucabanga into ehlukile engingayenza,” kusho uNksz Ngema.

UKUMAMATHEKA kukaNksz Qhubo Ngema kuchaza ukuthi uyayithakasela into ayenzayo, ubematasa ebhizinisini lakhe

Image: SITHUNYELWE

Eqhuba, uthe yilapho afikelwa khona wumcabango weBashazela, waqala ngokuwasha iteku lakhe elilodwa, wase efaka kuFacebook ukuthi usewasha amateku.

Waqala kanjalo-ke ngamakhasimende amabili angakubo, okwamkhuthaza ukuqhubeka nebhizinisi lakhe.

UNKSZ Qhubo Ngema ehlela umsebenzi wamakhasimende akhe

Image: SITHUNYEWE

“Ngibiza kusuka kuR30 kuya kuR70 okwasezinyaweni, bese kuqala kuR80 kuya phezulu ubhasikidi wezimpahla zokugqoka, kuncike ekutheni wumsebenzi ongakanani odinga ukwenziwa okubukeka kuthela izithelo njengoba sekuke kwenzeke ngithole namanye amakhasimende emalokishini aqhelile nami koChesterville, naseMayville,” usho kanje.

UMSEBENZI weBashazela usulungele amakhasimende

Image: SITHUNYELWE

Nakuba ibhizinisi likhula futhi lihamba kahle, uNksz Ngema ukhale ngokuthi nezinselelo ziba khona njengoba kuke kube khona abantu abamgxeba ngoba bemsola ngokuthi umba eqolo, nokuthi kuke kwaba nesikhathi lapho kudlanga ubugebengu obucekele phansi ibhizinisi lakhe.

Ubalule nenkinga yokuphela kwamanzi nogesi, athe lokho kumqhatha namakhasimende uma engasakwazi ukuqeda umsebenzi ngesikhathi.

“Nokho ngijabule ngendlela ibhizinisi lami elichuma ngayo, kanti manje sengibheke ukuthi ngiqhubeke nomsebenzi wami kuze kufike lapho engikwazi ukuqasha khona abantu abazongisiza ukuqhuba umsebenzi. Ngihlela ukuvula nelinye igatsha leBashazela edolobheni ukwenza kube lula ebantwini abakude nami abadinga umsebenzi esiwenzayo,” usho kanje.