Impilo Yabantu Intandokazi

OwaseXobho nocwaningo lokulwa nomdlavuza webele

Simangaliso Ntshangase|Published

UDKT Bawinile Hadebe, uthweswe iziqu zobudokotela yi-UKZN ngocwaningo alwenze ngomdlavuza webele

Image: SITHUNYELWE

UKUSHISEKELA imfundo kusukela esemncane futhi ehlale ezihlupha ngolwazi lwezemfundo oluzokwenza ahambe phambili futhi agqame ngemfundo, kugcine kuthele izithelo kowesifazane waseHlokozi, eXobho, ogwini oluseNingizimu yaKwaZulu-Natal.

Lowo wuDkt Bawinile Pearl-Gene Hadebe, esinye sezifundiswa ezisanda kuthweswa iziqu zobudokotela eNyuvesi iKwaZulu-Natal, ngocwaningo lwakhe alwenzile olubheka izindlela zesayensi ezingasebenza ukuze kuliwe nomdlavuza webele ezweni.

Elandisa ngentshisekelo yakhe ngalolu cwaningo, uDkt Hadebe uthe kwaqala ngesikhathi eseyithwasa esibhedlela iCharlotte Maxeke Johannesburg Academic, lapho aqala khona ukuthanda isayensi yohlobo i-nuclear, wanamathela kulo mnyango esibhedlela.

“Ukuzinikela kwabo ukungifundisa okuningi engangingakwazi ngalolo hlangothi lwezempilo kwenza ngawuthanda umsebenzi, futhi kwenza ngibe nentshisekelo yokufunda okuningi. Ngasizwa wuDkt Sonto Mkhize, owayesevele esebenza khona, owangichushisa kokuningi ukuze ngikwazi ukuchuma kule ndima njengoba sengilapha manje,” usho kanje.

Uthe ukungena, agamanxe kule ndima kwafana nobizo kuyena njengoba eqhubekile nangesikhathi esesebenza eMmametlake eMpumalanga, nasophikweni lwe-University of Ga-Rankuwa iSefako Magkatho Health Sciences. 

Ucwaningo lwakhe belubheka kakhulu ukuthi yiziphi izinto noma izithiyo ezenza ukuthi uma kwelashwa isiguli esiphethwe wumdlavuza webele, kungenzeki ngendlela efanele ikakhulu kulezo ezisuke sezisesimeni esibucayi.

Ezethulwehi zakhe kukhona nokuthi yiziphi ezinye izindlela ezihambisana nesikhathi samanje ezingasiza ukwelapha lesi sifo.

Uthe wonke lo msebenzi awuzukuphelela lana, kepha uhlose ukuthi ashiye isisekelo esiqinile okuyoqhubeka kusona nezizukulwane ezizayo.

Akafuni kugcine eThekwini lapho ezinze khona kuphela, kodwa ufuna kwenabele ezweni lonke.