UNKSZ Duduzile Mkhize, umnikazi we-Ekasi Grillz yaseNtuzuma, enyakatho yaseThekwini
Image: SITHUNYELWE
UKHULE evele ewumuntu okhonze ukupheka futhi wakhulela emndenini lapho abazali bakhe bebenesitolo, okwenze kwaba lula kuyena ukufunda okuningi ngokudayisa nokuthi imali yebhizinisi iphathwa nokuthi ikhuliswa kanjani ukuze lihlale lizinzile.
Lezo ngezinye zezinto ezenze kwaba lula kuNksz Duduzile Mkhize waseNtuzuma kwa-F, ukungena kwezamabhizinisi, esungula i-Ekasi Grillz, ibhizinisi lakhe lendawo yokudlela okusheshayo.
Leli bhizinisi selichume ngendlela yokuthi lidoba ngisho iso nendlebe kwabantu abahlala kwamanye amalokishi akude naye.
Elandisa ngaleli bhizinisi aliqale ngo-2020, uNksz Mkhize uthe ngaphambi kokuliqala wayekade esebenza kwenye yezimayini zaseGauteng, emva kokuphothula u-matric wakhe ePitoli, wase eqhubeka nemfundo yakhe.
Wasebenza iminyaka engu-15 ngaphambi kokubuyela ekhaya.
"Bekuthi uma ngisekhaya kungikhathaze ukuthi alikho ibhizinisi elinjengaleli elenza ukudla okusheshayo nokumnandi ngendlela esazi nesihlale sibona kwenzeka ngayo emadolobheni, Ngabona ukuthi kungakuhle ukusebenzisa ulwazi lwami lokudayisa engalifunda kubazali bami, kanjalo nokuthi ngivele ngiwumuntu okhonze ukupheka. Lokhu kwenze ukuthi izinto zangaba lukhuni ngesikhathi sengiqala ibhizinisi eminyaken emihlanu edlule," usho kanje.
UNKSZ Duduzile Mkhize, umnikazi we-Ekasi Grillz yaseNtuzuma, enyakatho yaseThekwini
Image: SITHUNYELWE
Eqhuba, uthe eqala ibhizinisi lakhe ubenabasebenzi ababili abebemsiza ukuqhuba umsebenzi, kwathi ngokuya likhula, wabangeza njengoba manje eseqashe ngokugcwele abasebenzi abawu-12.
EKasi Grillz ukudla kubiza kusuka ku-R30 kuya phezulu, kuhluke ngokuthi ikhasimende lidinga hlobo luni lokudla ngaleso sikhathi.
ESINYE sezibiliboco zokudla okudayiswa yi-Ekasi Grills
Image: SITHUNYELWE
"Enye yezinto ezingisiza kakhulu ukuchuma wukuthi nginendlela yami ehlukile esipheka ukudla kwethu ngayo. Ngine-sauce yami eyimfihlo engizenzela yona ukusiza ukuthi ukudla kwethu kunambitheke ngendlela ehlukile kunokwabanye. Lokhu kusize kakhulu njengoba sekuke kufike amakhasimende akoMashu, eNanda naseClermont, edonswa yisandla sethu esehlukile kunesabasezindaweni abahlala kuzona," kusho uNksz Mkhize.
I-SAUCE yokudla ehlanyisa amakhasimende ase-Ekasi Grillz
Image: SITHUNYELWE
Uthe nakuba ibhizinisi lihamba kahle kodwa enye yezinselelo ezibuye zimphazamise wukuthi kwesinye isikhathi kuke kwenzeke bapheke ukudla okuningi, okugcina kungathengwanga okwenza kungabe kusasebenziseka.
Ukhale nangokuthi kubuye kuhluphe abasebenzi ikakhulu ngezinsuku zokuhola, ngokuthi bavele balove noma bangafiki ngesikhathi emsebenzini.
"Into enkulu engiyibhekile manje wukuthi ngitshale uthando lokuzimela njengoba ngenza kwabanye abeza ngemva kwami ukusiza ukufukula umnotho waselokishini," usho kanje.
Related Topics: