UNKSZ Sibusisiwe Phoswa uthweswe iziqu yi-DUT emva kokuzabalaza iminyaka ewu-15
Image: SITHUNYELWE
KUVUKE umunyu wacabanga uhambo lokuzabalaza iminyaka ewu-15 uNksz Sibusisiswe Phoswa, waze wakhumbula unina ongasekho, uNkk Duduzile Phoswa, ngesikhathi ethweswa iziqu ze-National Diploma in Accounting eDurban University of Technology, ophikweni Indumiso, eMgungundlovu ngoLwesibili.
UNksz Phoswa (36) waseTaylor’s Halt khona eMphithi, uthe umvuzo awuthole manje emva kwesikhathi eside kangaka ezabalaza wenze wakhumbula intombi emzalayo, eyake yaba wumphathi womnyango wezifundo ze-Public Administration, khona eDUT, owashona ngoSepthemba ngo-2021, okwenze wangaba khona uma esethweswa iziqu.
“Ngiphelelwe ngamazwi okuchaza ukuthi ngizizwa kanjani manje, ngifisa ngabe umama ubesakhona ukuze abone ukuthi ukungeseka kwakhe kungibeke kuphi manje. Ubehlale engiseka njalo, ngisho nasezimeni lapho obekungathembisi khona,” usho kanje.
UNksz Phoswa ukhuluma kanje yingoba uhambo lwakhe lokufunda lube nzima kakhulu futhi lwaba nezinselelo eziningi. Waqala ukufunda eDUT ngo-2009 eyokwenza izifundo ze-National Diploma in Human Resources, kodwa washiya phakathi ngenxa yokukhulelwa.
UNKSZ Sibusisiwe Phoswa uthweswe iziqu yi-DUT emva kokuzabalaza iminyaka ewu-15
Image: SITHUNYELWE
“Ngo-2011 ngabuyela esikoleni sengiyokwenza lezi zifundo engigcine ngithweswa iziqu zazo manje, kepha kwangaba lula njengoba bengivame ukufunda izinyanga eziyisithupha kuphela, bese ngivele ngixinwa wukugula, ngihlale ngingena, ngiphuma ezibhedlela. Bekuthi uma sekungibambe kakhulu ukugula, ngihlale isikhathi eside, obekwenza ngime ndawonye nezifundo zami njengoba kuze kulunga manje,” kusho yena.
Uthe bekuphoqa ukuthi afeze into ayiqalile, engasenzeli yena kuphela kodwa esenzela unina.
Le ntokazi esisele emhlabeni noyise namadodakazi ayo amathathu, ithe njengoba unina ashona esezophothula izifundo zakhe ze-PhD, lokhu asekufeze manje kuyamkhuthaza ukuthi aqhubeke nemfundo yakhe aze afike kulelo zinga eminyakeni ezayo.
Related Topics: