Impilo Yabantu Intandokazi

Ababhali besifazane bazohlangana bethule izincwadi ngezothando

Simangaliso Ntshangase|Published

UMBHALI wezincwadi nomhleli wemicimbi uFikile Simelane Isithombe: SITHUNYELWE

UKUFUNA ukushumayela ivangeli lokuthandana nokubhunga ngezingqinamba ezibhekana nabantu othandweni, ngezinye zezizathu ezenze ababhali besifazane banquma ukuthi benze umcimbi wokwethula izincwadi zabo, ondikimba yazo egxile kwezothando nokweyamane nalo kuphela.

UMBHALI wezincwadi uZanele Ngubane Isithombe: SITHUNYELWE

Kulo mcimbi ozoba se-Area Based Management, eThekwini, ngoMgqibelo ngo-11 ekuseni, kuzokwethulwa incwadi ethi Love Has No Colour kaFikile Simelane, A Piece of Moonlight kaZanele Ngubane, Ubuhlungu Bokuthanda Ungathandwa kaBongi Malishe nethi And Give Us This Day, Our Daily Hope kaLungile Dlamini.

UMBHALI wezincwadi uBongi Malishe Isithombe: SITHUNYELWE

Emcimbini kuzobe kungenwa mahhala futhi kudayiswa zonke lezi zincwadi, kanti izingxoxo zomcimbi zizobe zenganyelwe wuPearl Gabayi, kuthi uhlelo luqondiswe wuSkhona Skhosana.

UMBHALI wezincwadi uLungile Dlamini Isithombe: SITHUNYELWE

Umgqugquzeli womcimbi, uFikile Simelane, uthe inhloso yakhe ngawo wukuhlanganisa ababhali besifazane bodwa ukuze bathole ithuba lokusabalalisa umsebenzi wabo wobuciko ebantwini.

U-PEARL Gabayi uzobe elawula izingxoxo emcimbini wokwethula izincwadi Isithombe: SITHUNYELWE

“Nokuthi njengoba sikuFebhuwari, inyanga eyaziwa ngokuthi ngeyothando, ngibone kungakuhle ukuthi kuhlangane ababhali abanezincwadi ezinendikimba eqondene nalokho, bese futhi kubhungwa ngezinto nezinkinga eziningi ezibhekana nabantu othandweni. Laba babhali kubalwa nami uqobo esibhale ngazo ezincwadi zethu esizozethula emcimbini,” kusho uFikile Simelane.

UMPHATHI wohlelo lomcimbi uSkhona Skhosana Isithombe: SITHUNYELWE

Ubonge uphiko lwezincwadi nemitapo yolwazi kuMasipala weTheku iThekwini Municipal Libraries and Area Based Management, KZN Women Authors Forum neSanda Skills Development ngeqhaza abalibambile kuhlelwa lo mcimbi. Unxuse abantu baphume ngobuningi babo ukuzowethamela.