Impilo Yabantu Intandokazi

Ukushada nokuba nezingane akungakunqindi: oshadile ovelele

Phili Mjoli|Published

UFISA ukubuya nomqhele wokuba owesifazane obehlule bonke emncintiswaneni uMrs Bold SA uNkk Cynthia Nene ISITHOMBE: SITHUNYELWE

UKUSHADA nokuba nezingane akumele kusho ukuphela kwamaphupho kowesifazane kodwa kusuke sekumele ubhukule kakhulu, ufeze konke oke waphupha ngakho empilweni yakho jikelele.

Lawa ngamazwi kaNkk Cynthia Nene (42) odabuka eMgungundlovu futhi okowamanqamu emncintiswaneni uMrs Bold South Africa.

Kulo mcintiswano kusuke kudlana imilala abesifazane abashadile abakwaziyo ukubhalansisa impilo yokwenza umehluko emphakathini, ukuvelela emisebenzini yabo abaziphilisa ngayo nempilo yabo yomndeni.

UNkk Nene njengamanje usesigabeni sowamanqamu njengoba obashaye bonke emakhanda ezomenyezelwa ngo-Okthoba kulo mncintiswano. Uneziqu kwezamabhizinisi azithola eNyuvesi yaseWits. Uphinde abe yisikhulu esiphezulu iMarketing Manager endaweni yokungcebeleka iWild Coast Sun.

Uthe ukungenela kwakhe kulo mcintisawano kungukukhombisa ukuthi noma ngubani angakwazi ukufezekisa amaphupho akhe, okudingekayo nje ukuzikhandla nokuzimisela.

USEBALA izinyanga ngaphambi kokuthi azi ukuthi kungabe ubashaye bonke emakhanda yini noma qha uNkk Cynthia Nene ongenele umncintiswano wabantu besifazane abenza umehluko kwabanye, uMrs Bold SA ISITHOMBE:

Le ntokazi ethi izalelwe amakhaya yafunda ezikoleni zasemakhaya, ithe iyafisa ukudla umhlanganiso kulo mncintiswano. UNkk Nene ukholwa wukuthi ukuphumelela kwakhe kuzonika nabanye abantu besifazane ugqozi, ikakhulukazi lokuthi akukhathalekile ukuthi ufunde ezikoleni ezinjani nokuthi uzalelwe kanjayiphume, okubalulekile wukuthi wena uzimisela kangakanani.

Lo mcintiswano usungulwe nyakenye, usungulelwa ukuqhakambisa isibindi nokuhlakanipha kwabantu abashadile, abadivosile, abangabafelokazi, izinselelo nokuphokophela kwabo.

Umuntu wesifazane odle umhlanganiso uzibandakanya nezinhlelo zomphakathi ezithuthukisa abantu besifazane, ukuze nabo bakwazi ukwenza umehluko oyohlale ukhumbuleka emphakathini nakwabanye abantu besifazane.

UNkk Nene unezingane ezintathu, eneminyaka ewu-23, ewu-15 nemihlanu.

“Mina angizange ngifunde ezikoleni okwakungezabamhlophe ebezibizwa ngama-Model C kodwa ngikwazile ukuthi ngihambe ngempilo yami ngize ngifinyelele esigabeni engikuso ngokwemfundo ngibe ngishadile, ngibuye ngibhekane nezinselelo ezibhekana nabanye abantu besifazane abashadile. Ukuba sesikhundleni esiphezulu esikhungweni sezokuvakasha esisezingeni eliphezulu nesithandwa kakhulu yizivakashi zakuleli, ngezinye zezinto engizigqaja ngazo kakhulu. Okumele ukwenze ukuthi ube nephupho nombono, uhlale kukho ungaphazamiseki, ulwele ukuthi kuphumelele,” kusho uNkk Nene.