Impilo Yabantu Intandokazi

Ukushayela itekisi kuwubizo akuyekeki: imbokodo

Phili Mjoli|Published

UNKK Mbali Suping uthe ukushayela itekisi kufana nokuba sesikoleni. Uba neqoqo lakho ohlala nalo, nidle ndawonye nibuye nivulelane izifuba ISITHOMBE: PHILI MJOLI

UKUSHAYELA itekisi kuwubizo, akulula ukukuyeka noma ngabe unalo ithuba.

Izintokazi ezishayela amatekisi zithi lo msebenzi uma usaqala ukuwenza uyesabeka ngoba akuncengwana kuwo kodwa uma usuwujwayele awube usafuna ukuwuyeka ngoba ozakwenu bafana nabafowenu.

UNKSZ Ncengi Mdlalose oshayela itekisi elisuka KwaMashu liye eMhlanga, uthe ukuba umshayeli wetekisi kuwumsebenzi omnandi odinga ukuthi uwuqonde futhi wazi ukuthi usebenza nabantu, ungawabambi amagqubu ISITHOMBE: PHILI MJOLI

UNKSZ Ncengi Mdlalose obizwa ngoSledge erenki uthi ukushayela itekisi ukhule ekuthanda akaze enze omunye umsebenzi empilweni yakhe ngaphandle kokushayela itekisi ISITHOMBE: PHILI MJOLI

UNkk Mbali Suping uMaLuthuli (42) odabuka eMpangeni kwesakaBiyela, ushayela amatekisi ahamba amabanga amade erenki eseDurban Station kanye namafishane asuka KwaMashu aya edolobheni.

Uthe eminyakeni engu-15 ewumshayeli wetekisi ufundele ukuba unogada, unesitifiketi seTourism, isitifiketi sePrimary Health Care kodwa akakaze azihluphe ngokufuna imisebenzi ehambisana nalezi zitifiketi ngoba umsebenzi wokushayela itekisi kuyena uwubizo.

UNkk Mbali Suping uthi kuye ukushayela amatekisi kuwubizo yikho esehlale iminyaka engaka ewumshayeli yize enezinye izinto azifundele ISITHOMBE: PHILI MJOLI

Le ntokazi enezingane ezine, ithe zonke izingane zayo zikhuliswa nguyise nodadewabo ngoba umsebenzi wayo awuyivumeli ukuthi ingahlala nengane ngoba kuke kuphele izinsuku ezintathu ingekho ihambe ngokomsebenzi iye kwesinye isifundazwe.

"Kuyenzeka ngithwale abagibeli abaya eFicksburg, ePiet Retief naseWitbank ngakho ngeke ngikwazi ukuhlala nezingane," kusho uNkk Suping.

Uthe wangena kulo msebenzi ngoba wayehluphekile efuna umsebenzi esanda kuphuma esikoleni.

"Yayingekho into engangikwazi ukuyenza ngaphandle kokushayela. Ngaya erenki eMpangeni ngiyofuna umsebenzi, ngase ngicelwa omunye umshayeli ukuthi ngimbambele itekisi ngiye eStanger. Bamangala bebona umshayeli wesifazane. Ngase ngiyasho ukuthi ngifuna umsebenzi. Obasi bakhona bangenzisa inhlolokhono bagibela bonke etekisini bathi angiyishayele ngoba vele abashayeli bayathanda ukugcwalisa amatekisi ngokweqile. Ngatatazela ngizama ukwenyuka entabeni imoto yesindwa, ngaphumelela kwaba wukuthola kwami umsebenzi. Kwakungu-2008, namanje ngisasetekisini," kusho yena.

UNksz Ncengi Mdlalose (37) obizwa ngoSledge erenki, odabuka eShowe oshayela itekisi elisuka KwaMashu liye eMhlanga, uthe ukhule evele ethanda ukwenza imisebenzi eyenziwa ngabesilisa. Ukushayela itekisi wakuthanda esemncane ngoba kubo kwakunamatekisi.

"Bengiwashayela amatekisi asekhaya kodwa ngacasulwa ukuthi bengibuye ngingaholi kuthiwe imali ithenge izinsimbi ezithile zemoto. Ngaphuma ngayoshayela izimoto ezikhokhelwa ngebanga ezilihambile edolobheni eShowe. Ngagcina sengiseThekwini. Ngiqale ngishayela amatekisi asuka eMayville aye eThekwini," kusho yena.

Uneminyaka engu-15 eshayela itekisi. Sekuphele iminyaka eyishumi esebenzela umuntu oyedwa ngoba wenza isiqiniseko sokuthi itekisi uliphathisa okwelakhe.

Uthe esakhula ubelusa, elungisa izibaya, epheka uma kunesidingo.

"Ubaba wayekujabulela ukuba wusizo kwami kanti ngaphakathi vele nginemizwa yomuntu wesilisa, nokuyinto eyabonakala sengikhulile. Uma ngiserenki ngixoxa ulimi olufana namanye amadoda aserenki. Uma kudliwa inyama yenhloko nami ngidla yona. Kuyimanje bengidla yona," ehleka.

Uthe inzinselo eziningi abhekana nazo ngezabagibeli abaye bafune ephule imithetho yomgwaqo ngoba bejahile, abanye bafike bengenayo imali yokugibela.

“Ukuxabana nokugconana kwaserenki anginandaba nakho ngoba kuba yinto ephelayo futhi manje ososeshini baqaphela kakhulu ukuthi kungabikhona ukuhlukumezana, ikakhulukazi okuqondiswe kwabesifazane. Isijeziso esinikwa sona esokuthi ungashayeli isikhathi esithile. Akekho umshayeli ofuna ‘ukulaliswa’ ngoba silapha nje ngoba sifuna ukondla imindeni yethu,” kusho yena.