Impilo Yabantu Intandokazi

Uvule ibhizinisi ngomsebenzi awuthandayo

Phili Mjoli|Published

UNKK Nelisiwe Dlamini ongumsunguli wePicnic Delights uthe kubaluleke kakhulu ukuhlale ufunda ngezinto ezintsha ezenzeka kulomkhakha ukuze ukwazi ukwenza umsebenzi omuhle ohlukile Isithombe: SITHUNYELWE

UTHANDO lokuhlobisa uma kunemicimbi yomndeni neyabangani kuholele ekutheni agcine esevule ibhizinisi lokuhlela imicimbi yokujabula ehlanganisa abantu.

UNkk Nelisiwe Dlamini (33) waseManzimtoti ongumsunguli wePicnic Delights, oyi-land surveyor, uthe ngesikhathi ekhula ubekukhonzile ukuhlobisa uma kunemicimbi yomndeni neyabangani.

UNKK Nelisiwe Dlamini ongumsunguli wenkampani ehlela imicimbi ehlanganisa abantu iPicnic Delights Isithombe: SITHUNYELWE

"Ukwenza indawo okuzohlanganelwa kuyo ibe yinhle yinto engiyithandayo. Ngokuhamba kwesikhathi ngigcine sengiyenzela uthando ngizitholele imali kodwa ngingenayo inkampani," kusho yena.

Ngo-2020 ucabange ukuthi ashintshe enze inkampani ezonikeza abantu imicimbi emihle yezinga eliphezulu kodwa engabizi kakhulu.

"Abantu abaningi uma bebuka umsebenzi wami ezithombeni baba nokungabaza ngoba becabanga ukuthi umuntu omnyama ngeke akwazi ukwenza izinto ezinjengalezi engizenzayo futhi ezinye izithombe baye bacabange ukuthi azishuthwanga kuleli, kodwa ngezaphesheya.

“Kwesinye isikhathi amakhasimende aze acele ukuthi ngizithathe i-video uma ngisebenza ukuze abone ukuthi ngempela umsebenzi wami lona," kusho yena.

UNKK Nelisiwe Dlamini ematasatasa enza umsebenzi wakhe wokuhlobisa iPicnic Isithombe: SITHUNYELWE

Uthe lokho akumkhathazi, kunalokho kumenza ajabule ngoba kusho ukuthi umsebenzi wakhe muhle.

Le ntokazi ithe ihlelela abathandanayo ama-picnic, awemindeni, awabangani, ama-baby shower, imicimbi yokudalulwa kobulili bengane.

"Umsebenzi wokuhlela imicimbi nokuhlobisa udinga ukuthi uhlale ufunda ubheka ukuthi yini entsha kuleli nakwamanye amazwe. Ubheke ukuthi wena ungalusebenzisa kanjani lolo lwazi ukuze wenze into enhle nefanele amakhasimende akho," kusho yena.

UNkk Dlamini njengamanje unezinkampani ezimbili enye iLud Surveys okuyinkampani ehlola umhlaba inikeze nezeluleko zokuthi lowo mhlaba kungakhiwa yini kuwo.

UNkk Dlamini obeqashwe ngokugcwele ewu-surveyor ukhethe ukuziqalela eyakhe inkampani ngoba ethi ufuna ukuzikala ukuthi angakwazi yini ukuzimela.

OMUNYE wemisebenzi eyenziwa nguNkk Nelisiwe Dlamini Isithombe: SITHUNYELWE

"Akulula ukuzisebenza ngoba uma kungahambi kahle usuke wazi ukuthi ayikho imali ezongena kanti uma uqashiwe uyazi ukuthi nakanjani uzoholelwa.

“Okuhle ngokuzisebenza ukuthi uyakwazi uzihlela ngendlela ofisa ngayo, okunye ukuthi uma kuhambe kahle kungena imali ethe xaxa ebhizinisini kanti iholo lihlale lifana noma ungazikhandla kanjani," ehleka.