KUKHONJWA ngenjumbane indaba yelobolo njengoba ucwaningo lwakamuva olwenziwe iStatistic South Africa (Stats SA) luveze ukuthi kuyehla ukuba khona kwemishado kuleli.
Lolu cwaningi luveze ukuthi ukuba khona kwemishado ngeminyaka yawo-1990 kwakuku-35.6% manje kuphansi ngo-23.8% kusuka ngo-2022.
Luphinde lwaveza ukuthi inani labantu abangakaze bashade kusuka ko-1990 lona laliku-52.8% kanti manje linyuke lafinyelela ku-61.7%.
Bathe abakutholile ukuthi abantu bakuleli abashadile ngokusemthethweni izinga labo lehle ngendlela emangalisayo, futhi elalabo abangakaze bashade liyanyuka unyaka nonyaka. Lokhu kusho ukuthi sekwande omasihlalisane - abakipitile.
Izizathu zalokhu bathi ukungenzi izinto ezithinta usiko olwalulandelwa kudala uma kuhlanganiswa abantu, futhi iningi selikhetha ukuba nenkululeko ngokuzimela, nokushintsha indlela okubukeka ngayo umshado.
Kuvela lezi zibalo nje, bekuhlale kubatshazwa izinga labantu abadivosayo eminyakeni embalwa edlule okuthiwa lenyuke ngendlela exakile.
“Umshado uhlukene ngendlela owenzeka ngayo ezinhlangeni zabantu abaphila kuleli, abamhlophe, abomdabu waseNdiya banesibalo esiphezulu sabantu abashadile uma uqhathanisa namakhaladi kanjalo nabantu abamnyama,” kusho ucwaningo.
Bathe izizathu eziholela kulokhu ezithinta indlela abantu ababheka ngayo umshado, isimo somnotho, kanye nokwanda kwezehlukaniso kubantu abakade bashada.
“Isimo esinzima somnotho, indaba yelobolo ibe nomthelela omkhulu ekutheni kubantu abamnyama kwehle izinga lemishado. Okunye kwezinye izinhlanga okwenze kwehla izinga lokuthi bashade, indlela okuphela ngayo imishado njengoba linyuke lafika ku-10.9% ngo-2022 kunango-2021. I-Stats SA ithole ukuthi imibiko ethinta umshado nezehlukaniso kwangonyaka u-2022 ikhombisa ukwehla okungu-29.5% emishadweni ebhaliswe ngokusemthethweni ebe khona ngo-2013 kuya ku-2022. Umbiko ngemishado nezehlukaniso, ka2020 uveza ukuthi kwehle izinga labantu abashadayo kusuka ngo-2011 kuya ku-2020,” kuqhuba umbiko.
Isazi samasiko uSolwazi Jabulani Maphalala sithe akumangazi okuvezwa yilo mbiko njengoba indaba yelobolo idinga ukuhlalelwa phansi.
Uthe sesifikile isikhathi sokuthi kubanjwe imbizo enkulu enkundleni yezemidlalo kubhekwe indlela okumele kulotsholelwane ngayo.
"ISilo, amakhosi nezinduna sekuyisikhathi sokuthi babheke le ndaba. EPhalamende ngeke ngibabeke ijoka kakhulu ngayo ngoba kuningi okumele bakubheke. Isimo somnotho nelobolo elimba eqolo yikona okwenza imishado yehle. Okunye imindeni isibheka ukuthi ingane yabo ifunde kangakanani, okunye noma abantu besilisa beyithanda intombazane ezalwa ebukhosini batshelwa ngemali enkulu bese kuphoqa ukuthi umuntu wesilisa ahlehle. Kodwa uma kungahlalwa kahle phansi kubhekwe yonke into ingalunga le ndaba bese imishado iqhubeka njengakudala," kuchaza yena.
Omunye ongoti uthe nokushintsha kwezikhathi kunomthelela. "Emandulo abantu besifazane bebekhuliselwa ukugana. Manje sebeyafunda bazimele abasanciki ebantwini besilisa. Sebezixaka ngemfundo nangokuzithuthukisa bazimele esikhundleni sokuphuthuma ukuyogana bakhe imizi."
Uthe abantu besifazane sebethatha isikhathi ngaphambi kokuzibophezela ngomshado ngenxa yokwanda kwezehlukaniso muva nje. "Iningi selincamela kona ukuthi kugcinwe ngokuthandana bese noma ngubani eyazimela."
Kuvela nokuthi ukugqoza kwemishado kunomthelela omubi ngisho kwezomnotho nakwinhlalonhle yabantu ezweni.
Ucwaningo luthe uma umndeni uzinzile uba neqhaza elibonakalayo kwezomnotho uma kuqhathaniswa unabantu abangenayo imindeni.