UUbuzo
MaGumede ngisize dadewethu, ngingowesifazane oselotsholiwe. Konke nje sekwenziwe, inkinga yami manje wukuthi umkhwenyana wami akafuni nhlobo sizijabulise ngocansi.
Sinonyaka sithandana, yonke into yenzeke ngokushesha. Into engixakayo ukuthi mina ungithole nginomntwana kodwa yena akanaye.
Manje uthi akafuni ukwenza ucansi singakashadi, lento iyangithusa ngoba ngisho sizihlalele, akafuni ngimthinte ngaphambili endukwini, angazi manje sengiqala ukuba nemicabango eminingi.
Mhlawumbe nje alivuki okanye akanalo noma mhlawumbe lincane manje uyasaba, angazi nami ngiyazibuza ngiyaziphendula ngoba angikaze ngimbone noma enqunu. Ngicela ningibonise ngenzenjani?
Impendulo
Hhayi ngeke dadewethu! ubudedengu wena, ngeke senithandane nomlisa unyaka wonke waze wakulobola kodwa awukaze umbone enqunu. Awukaze ubone okanye uthinte ubudoda bakhe ngoba unethemba lokuthi uzobona senishadile?
Ayibo sisi, ngeke angivumi hlala phansi naye umchazele ukuthi unemibuzo ozibuza yona kodwa zonke izimpendulo zilele kuye. Mcele akubonise induku yakhe uyithinte uyiphulule sakuyivusa umtshele ukuthi angeke nenze lutho kodwa ufuna ukuba nesiqiniseko sokuthi ukudla kukhona futhi uzosutha. Kungenjalo uzozisola usushadile ntombi.