UMBUZO
MAGUMEDE, ngingowesifazane osekhulile ngihlala nomyeni wami nabantwana. Inkinga umyeni wami uyilobaba othanda izingane ezincane kakhulu ngendlela yokuthi sengimbambe kaningi ejola nezingane ezilingana nezakhe futhi akaboni phutha yena ngalokho. Ngiyamthanda MaGumede umyeni wami kodwa nginovalo lokuthi uzongibuyela nezifo manje angazi ukuthi lento ngingamyekisa kanjani yona. Lo muntu kuyenzeka angalali ngisho ekhaya, kamumva nje ngizwe kuthiwa ukhulelise intombazanye eyenza unyaka wokuqala enyuvesi. Ngididekile MaGumede ngicela ungibonise.
IMPENDULO
SAWUBONA mama, ngiyayiqonda inkinga obhekene nayo futhi ngiyabazi ubuhlungu bokujolelwa indoda usumdala esikhundleni sokuthi lomuntu athokozele ukuguga kwakhe adle nempesheni uphansi phezulu nezingane ezincane. Okubuhlungu ukuthi njengoba ekhulelisile kukhombisa ngokusobala ukuthi akazwani nejazi lomkhwenyana nokuzombeka emathubeni okuthola izifo ezithathelana ngokocansi bese ebuya nazo ezozithululela kuwe. Ngicela uke uhlale phansi naye njengomyeni wakho umbonise umenze abone futhi nokuthi kwesinye isikhathi ukuqinisa ikhanda ngoba uthi uyindoda akusebenzi ngoba ekugcineni nizogula nife. Kungenjalo akahubhe izingane lezo kodwa asebenzise ijazi lomkhwenyana.