Umbuzo:
NGISANDA kuthandana nobhuti, ngicabanga ukuthi sinenyanga eyodwa sijola.
Ngisamvakashele kabili, ngiyamthanda kodwa manje ngibona sengathi mina naye asizoya kude ngoba unemithetho eminingi engasile. Akafuni ngilale nginqunu uthi ngizoxosha izidalwa zakubo ngoba zizofika zifice umuntu ongagqokile endlini yakhe futhi njalo uma siqeda ukuya ocansini uthi asigeze. Sengikhathele mina ngeke ngiyimele le nto ngibona sengathi lo muntu sizoxabana naye ngoba imithetho yakhe inesicefe, angazi noma nginehaba yini ngicela ningibonise.
Impendulo
MANJE lezidalwa zakubo azinankinga nokuthi kade eya ocansini kodwa zinenkinga nomuntu ongagqokile? Waze wavelelwa bo njalo emva komzuliswano kumele usukume uyogeza uphinde ugqoke futhi.Laze lalikhulu itoho obhekene nalo ntombi likhathaza kwamina ngingahlangene. Ngeke ngisho ukuthi yikuphi okumele ukwenze, uzozibonela wena ukuthi umisa kanjani kule nto obhekene nayo, loyo muntu wakho akakucabangeli ngoba phela abanye abantu abakwazi ukulala begqokile. Uzozwa wena uma usukhathele ngempela ile mthetho yakhe bese uyazikhulula ntombi. Engingakuthembisa khona nje wukuthi miningi eminye imithetho asazokutshela yona ngoba uthi nisanda kuthandana. Usenkingeni! Thatha isinqumo uma uzwa ukuthi iyakushisa imithetho yakhe ungahlali entweni engazwani nawe.