NGEZIKHATHI zokhokho bethu umnotho wendoda wawungayi ngokuthi inemali engakanani ebhange, kodwa kwakuya ngokuthi indoda okanye umnumzane ufuye kangakanani esibayeni sakhe. Lokho yikona okwakumenza ukuthi ahlonipheke endaweni nasemphakathini. Yize kunjalo izikhathi zahamba zashintsha. Sesiphila esikhathini lapho singasenandaba nokuthi indoda ifuyile yini noma cha kodwa sesibheka ukuthi indoda inamalini, igqokani, inomuzi onjani, iphatha nhloboni lweselula nokuthi ihamba ngahlobo luni lwemoto.
Siphinde sibheke nokuthi isebenza kuphi? Akugcini lapho thina asinendaba nokuthi indoda ifuyile, uma ingeyinhle ngokwebala ihlale izosala nokufuya kwayo lokho. Kwesinye isikhathi uma ngihleli ngijulile ngike ngizibuze ukuthi kungani umendo usuyivela kancane kangaka. Kungabe kudalwa wukuthi thina asiziphethe kahle, noma kudalwa wukuthi sithanda izinto kakhulu noma-ke amadoda alobolayo awasekho vele?
Thina sikhule kuthiwa ubuhle bendoda yizinkomo zayo. Lokho bekuchaza ukuthi noma ngabe indoda iyisigwadi kanjani kodwa uma ifuyile futhi ikwazi ukulobola ithathe umfazi, iphenduka ibe yinhle. Namhlanje ngifisa singabantu besifazane sike sihlukane nomkhuba wethu wokuthanda izinto nokukhetha amadoda. Ngifisa siyeke ukubona indoda enhle nembi kanjalo nale ndaba yethu yokufuna ama "type" ngoba mhlawumbe wubona sigugela ekhaya nje yile ndaba yokuzitshela nokufuna uhlobo oluthile lwamadoda. Yebo, ngiyazi inhliziyo idla ekuthandayo kodwa lokhu kwethu sengathi sekuhamba nokuthanda izinto phakathi. Ngike ngibheke abazali bethu, ngibone ukuthi ngamanzi nopharafini kodwa nakhu bashadile futhi bajabulile ngenxa yokuthi omama babengenandaba nobuhle bendoda, inqobo nje uma inezinkomo. Kanjalo nobaba bethu babengenandaba nobuhle bentombi, babebheka isimilo nokuthi lo muntu uzokwazi yini ukwakha umuzi nami.
Namhlanje ngifisa singabantu besifazane sike sizitshele ukuthi asinandaba namadoda ango-cheese boy, angakwazi nokuyolanda izinkomo emadlelweni, sizitshele ukuthi sikhathele ngamadoda asichomela ngezimoto zawo kodwa ekugcineni umuntu ahluleke ngisho ukondla ingane yodwa le, akukhulelise yona. Ngifisa kusukela namhlanje uma uthola isisheli, ungalokhu usibuza ukuthi sinayo yini imoto okanye sisebenza kuphi, kodwa sibuze ukuthi kukuphi emakhaya aso, bese usibuza nokuthi zikhona yini izinkomo kini? Yebo, ngiyazi ukuthi izinkomo zanamhlanje sezihlala emabhenge. Indoda yangempela uzoyizwa ngokuthi iphendule ithi zigcwele isibaya. Ngifisa sizifundise ukuyeka ukuthanda izinto ngoba lokho kuyasimosha, ikakhulukazi thina sizwe esimpisholo. Kumele uma ukhetha indoda, uyibheke ukuthi uma kufika isikhathi izokwazi yini ukulobola noma ukuhlawula ingane, okungenzeka ikukhulelise yona. Izokwazi yini ukumela ikhaya, okungenzeka nilakhe nayo noma wuwena okuyomele ubhukule uphenduke indoda ekhaya, ibe indoda yakho ilibele ama-skinny jean, amawashi abizayo notshwala obubiza izizumbulu zemali. Izinto esizibuka lapha ngaphandle! Indoda uthole ukuthi ayifiki nanesinkwa ekhaya kodwa ejoyintini ithengela abangani utshwala, kuphuzwe kuze kuse, umama ekhaya ebe epatanisa ukuthi kwayona uma ibuya noma ifika ekuseni, ikwazi ukudla. Ibihlungu le nto!
Eqinisweni futhi vele indoda yayingadalelwanga ukuthi ibe yinhle ngoba ayizobukwa muntu. Indoda kufanele ibe qatha nje, nezandla zakhona zibonakale ukuthi ngezendoda. Indoda kufanele uma uyibheka ubone ukuthi ingakwazi ukungivikela mina nezingane. Hhayi labo bhanana bamadoda esiwafunayo noma esiwaqomayo. Indoda engakwazi ngisho ukufakela iwindi ekhaya, noma engakwazi ngisho ukwakha isibaya sodwa lesi? Njengoba ngithi ubuhle bendoda yizinkomo zayo, ngisho ngoba ngiyazi ukuthi asekhona amadoda aneqiniso emakhaya, asakwazi ukuqhuba umhlambi wezinkomo ayolobola. Ngiyazi kumnandi ukuba nendoda enhle, ozobukwa ngabantu uma uhamba nayo kodwa ekugcineni kusizani uma ingenalo ngisho inkonyane lodwa leli? Kusizani ukujabulela ukuba nendoda enhle kodwa engeke ikwazi nokuzokulobola? Isikhathi siphelile manje bafazi, sesithandanile no-cheese boy, sachoma kwaba mnandi kwanjeya ya. Kusisize ngani lokhu? Sekuyisikhathi sokuthi sibheke amadoda azimisele ngempilo nokusenzela abafazi nezingane kusasa.