UMBUZO
NGINGOWESIFAZANE owashonelwa ngumyeni eminyakeni emibili edlule. Ngisemncane futhi negazi lisagijima, ngikholwa ukuthi sesanele isikhathi esengisihlalile ngingabonani namuntu. Side isikhathi ngizilele umyeni wami, ngiyahluleka manje ukuhlala. Sengifisa ukuqhubeka nempilo nami ngithole umuntu engizozwana naye kepha angazi noma ngiyaphuthuma yini. Ngikholwa ukuthi osehambile emhlabeni asimyeke aphumule ngokuthula, bese thina esiphilayo siqhubeka nempilo yethu kuze kube kufika usuku lokufa. Yize engekho engisambonile njengamanje kodwa ngiyazi uzoqhamuka. Ngicela ukubuza ukuthi singakanani isikhathi okumele silindwe owesifazane oshonelwe ngumyeni ngaphambi kokuthi aqhubekele phambili nempilo yakhe?
IMPENDULO
ISEMINCANE kabi iminyaka osayihlalile sis. Sengathi impela uyaphuthuma. Ngicela nje ulinde noma iminyaka emihlanu ngaphambi kokuthi ukhulume ngendaba yezinkanuko zakho. Uma kuwuthi ubumthanda ngempela umyeni wakho ungahlala ngisho iminyaka ewu-10 ngoba ubumthanda ngeqiniso. Uma ngabe sekukhona okuzwayo futhi ofisa ukukwenza ungamemezeli kodwa zenzele into yakho kude uzinqandele amafolosi bese uyabuya uza emzini wakho. Phela ungunkosikazi womuntu futhi wakhishelwa izinkomo walotsholwa. Thina sazi abantu abashonelwa amadoda abo kodwa kuze kube yinamhlanje bahlezi emzini yabo. Uma kukhona abakwenzayo akekho obonayo nowaziyo ngoba bayazi ukuthi sebashada. Kungani wena unezinkanuko ezikwenza ukuthi ufune kwazi izwelonke ukuthi usufuna indoda? Awuzibambe kancane mama, sengathi uyaphuthuma kakhulu sthandwa.