Umbuzo
Ngineminyaka ewu-33 ubudala, nginesoka esineminyaka emihlanu sithandana nalo. Siyalingana ngokweminyaka. Yonke into ibihamba kahle futhi uthando lwethu alunazo izinkinga kodwa muva nje inkinga inami. Uma sizijabulisa ngocansi sengivele ngingezwa lutho nhlobo. Angizwa bumnandi futhi ngizwa sengathi kwankomo yami ayisaswakami ngendlela eyayiswakama ngayo phambilini. Ngisho engithinta, kuthatha isikhathi eside nokuthi akwazi ukungena ngoba isuke izomele nje ngoba phela nami emzimbeni ngisuke ngingenawo nomuzwa wokuthi sekufike ucansi-ke. Isoka lona alikaze likhalaze ngalutho kodwa mina ngiyezwa ukuthi akuhambi kahle. Ngabe kwenzenjani ngami MaGumede ngoba isoka lami alenze lutho bandla?
Impendulo
Kuzomele ubonane nodokotela akuxilonge dadewethu. Abheke izinkinga ezifana nesifo sikashukela nokunye ukuze uma uqhubeka uzama ukulungisa le nkinga, ube wazi ukuthi ayidalwa yini yisifo esithile esisemzimbeni obungasazi noma esikunyonyobelayo. Mcele akwenze okubizwa ngeFull Blood Count, nalapho okungavela khona mhlawumbe imisoco eshodayo emzimbeni wakho ngoba kuyenzeka wehlelwe wumdlandla wocansi ngenxa yokushoda kwezinto ezithile emzimbeni. Kodwa okwamanje ake ujwayelane nokunyakazisa umzimba, ugijime noma ibanga elincane ngosuku. Uma unawo amandla, ujoyine ijimu. Wehlise ukudla izicoficofi uphuze namanzi amaningi. Sukuma kodwa ungayibukeli phansi le nkinga, kumele uwazi umnyombo wayo.