Izigameko ezenzeka esikhathini sanamhlanje zikhombisa ngokusobala ukuthi akusekho ukuthembana nokuthembeka othandweni lwamanje.
Sonke sihlalele ovalweni emijolweni yethu esikuyo ngenxa yokungathembani.
Akusekho nokuzishaya isifuba ngomuntu othandana naye ngoba ungathi uyaqhosha kanti wena ungumakhwapheni, unaye umuntu wakhe wangempela.
Kuqala ubuthandana nomuntu wakho ukhululeke ngisho engekho eduze kwakho, ubungabi navalo kodwa manje ngisho ethe uyagoduka kuba nzima ukufika kobuthongo.
Ulokhu uthatha ubeka ngoba ziningi izigameko esihlale sizizwa zenzeka kubantu abathandanayo.
Ukwenza nje umzekelo, omunye isoka lakhe lilobola ngasese emakhaya lize liqede lishadelwe kodwa bebe behlala ndawonye eGoli.
Ezwe esehletshelwa okanye esebona ngezithombe ezinkundleni zokuxhumana ukuthi isoka lakhe kanti beligoduke nje belishadelwa.
Kulowo mzuzu yena uhleli emqashweni ulinde umuntu wakhe ogodukile. Nakhu nje besifunda indaba yendoda elobole unkosikazi wesibili ngemali kamfazi wokuqala yena engazi.
Nangu omunye besimbona ezinkundleni zokuxhumana wahamba ngePhasika ewumuntu ovakashela emakhaya kanti unkunzana uyolobola. Uzibuze lapho-ke ukuthi kuphi ukwethembana ngempela?
Luphi uthando lweqiniso nobuntu nje. Usungaze uzwise umuntu othi uyamthanda ubuhlungu obungaka ngobani?
Kungani ungahlukani naye kuqala ebese-ke uyahamba uyolobola lona omthandayo. Uhlala kanjani lapho ongajabulile khona?
Shiya uhambe uye lapho ozojabula khona ukuze ulobole kahle ungafihli.
Ekuqaleni ngangithe ifoni yomuntu othandana naye ayithintwa, lalelani-ke isiyathintwa-ke manje,.
Ithinteni niyipetulule ningene yonke indawo ngoba yiwona lamafoni okugilwa ngawo imikhuba!
Umuntu ahlele yonke into aze ahlele ngisho umshado efonini ukhona wena uhlezi naye endlini, ulokhu uthi ifoni yakhe awuyithinti.
Yiba umseshi-ke manje mhlawumbe ungaba nenhlanhla yokuthola yonke into lungakafiki usuku.
Angifisi nokwazi ukuthi kunjani ukubona ngezithombe ukuthi umuntu wakho obuqhosha ngaye uzishaya isifuba ngaye, useshadelwe engxenye.
Lento yenziwa yibona bonke ubulili ngoba ngiyakhumbula nodaba lukamakoti owashiya umyeni endlini, wayoshada nenye indoda isinyenyela.
Engabe umkhuba omubi kangaka uvela kuphi ngempela?
Kukhombisa ngokusobala ukuthi akusekho ukwethembana kanye nobuntu, abantu abasenawo unembeza futhi nothando lweqiniso alusekho.
Umuntu wakho uma egoduka mxine umfonele nange- video call ukuze uqinisekise ukuthi akenzi enye into emakhaya.
Yiba nenye inombolo yomuntu wakubo ozomthola kuye ukuze angathi ifoni yakhe ayidonsi.
Abantu bakhohlakele manje kodwa ngiyafisa sibuyelwe unembeza nokuthembeka othandweni siyeke ukuzwisana ubuhlungu.
Elawini LikaMaGumede ungasibhalela : [email protected]