KUDALA ngithuli nale ndaba kodwa ilokhu ingidla, yingakho namhlanje ngithe angiyibhobose ngingaze ngife nayo.
Ngiyazi ukuthi ukufenda akusiyo into elula kwabanye abantu ikakhulukazi le genge enemizimba eqinile futhi engazwani nokujima.
Yize kunjalo kodwa angikholwa ukuthi kusekhona umuntu ongakwazi namanje ukufenda, angisaphathi-ke uma kungowesilisa hhayi kudlulele.
Lokhu ngikusho ngoba sekukaningi ngithola imiyalezo ekhasini lami koFacebook osisi bekhala ngokupitshizwa abesilisa uma kwenziwa ucansi.
Yize ngingesiye uchwepheshe wezokufenda kodwa namhlanje ngifisa ukucobelela abesilisa abanenkinga yokungakwazi ukufenda.
Ngiyazi omunye uzothi uMaGumede wagxila kwabesilisa kuphela ekubeni bekhona nabesifazane abangakwazi ukufenda, yebo ngiyazi kodwa nginesizathu sokugxila kwabesilisa.
Bhuti wami uma ufenda umuntu wakho awulali ube wubhambala nje phezu kwakhe, umncishe umoya angakwazi ukuphefumula nokukulekelela afende naye.
Phela eqinisweni umuntu uma engaphezulu uyasinda kodwa akunakeki ngoba kusuke kwenziwa into emnandi, ngaphi-ke indoda isizoba wumthwalo phezu kwakho, ilokhu ikudushuza into engathi shu, dukuduku uyayibona isiyabubula njalo kulo womzuzu isijuluke imanzi te.
Hhawu madoda lo muntu yini le engaka aseyenzile! Kusukela namhlanje ngifisa nazi madoda ukuthi uma nenza ucansi, nihlangana ngezitho zangasese kuphela.
Phakathi kwenu kufanele kusale isikhala sokujomba umuntu, ningahlangana-ke ngezifuba kancane uma niqabuzana kodwa nakhona usheshe uqhele ngoba lokho kwenza ukuthi uphathina wakho angasheshe akhathale.
Ungashintsha futhi uguqe ngamadolo ushaye umsebenzi ngaphandle kokuthi uze ube isaka phezu komuntu wesifazane.
Uthole ukuthi unanomzimba omkhulu, uyothi uqeda usisi wabantu akasafuni lutho agcine engaluthokozelanga nalolo cansi.
Uma ufenda, induku awuyifaki yonke engathi kuyaliwa, lokho kushiya isinye sowesifazane siqaqamba kodwa nakho kuncike ekutheni unethuluzi elingakanani.
Uma lilincane noma ungalifaka lonke akubi buhlungu kodwa uma uphethe insabula kuhle ukuthi usebenzise isihloko salo kuphela kube sengathi uyamnunusela khona ezobuzwa kahle ubumnandi, omunye aze azisholo yena ukuthi lifake lonke sthandwa sami.
Ngicela obhuti bazijwayeze ukujima bandla ukuze imizimba namaqolo kube lula, ukuze uma ufenda kube sengathi uxhunywe kugesi.
Uzijwayeze nokushaya ama-push ups uwedwa ukuze uzojwayela ukuthi kufendwa kanjani, niyeke ukusipitshiza bakwethu siyaqeda ukwenza ucansi akusavukeki umzimba ubuhlungu wonke.