NGIYAZI ukuthi uma kuthiwa abantu abathandanayo abaxoxe ngocansi ukuze bangethusani ngezitayela ezintsha omunye asuke esezenza, indlela yokuqabula nokunye okuningi. Abanye baye bangazi nokuthi bangayiqala ngaphi nje leyo ngxoxo nokuthi kwazihloko kungaba yiziphi. Kodwa kubalulekile ukukhuluma ningabi namahloni ngocansi ukuze niqinisekise ukuthi konke enikwenzayo nikwamukele futhi nobabili nikhululekile.
Ongadelanga kumele akwazi ukusho, kungakhathalekile ukuthi owesifazane noma owesilisa ngaphandle kokwesaba.
*Indlela yokuwotawotana
Iloyo naloyo kumele asho ukuthi uthanda ukuthintwa kuphi nokuthintwa kanjani. Asho nendlela afuna ukuqatshulwa nokukhothwa ngayo ukuze kube lula kuphathina wakhe.
*Izitayela
Singabantu sithanda izitayela ezingafani zocansi, umuntu akasho isitayela esimenza ajabule futhi simenze afike kuvuthondaba. Mina uma ujatshuliswa elasoLundi mhlawumbe wena ujatshuliswa yisitayela esijwayelekile esibizwa ngeMissionery position. Konke lokho kumele nixoxe ngakho njengezithandani
* Ukuhlela umndeni
Uma nizitika ngocansi, kuningi okusuke kungenzeka. Ukukhulelwa kowesifazane nakho kungenzeka ikakhulu uma ningazivikeli. Akumele nenzise okwezingane, kumele nikukhulume ukuthi niyafuna yini nobabili ukuqala umndeni. Ningadidwa ubumnandi bocansi nigcine nikhulelisana
*Ukunganeliseki
Uma umuntu wakho esheshe afinyelele kuvuthondaba, thola indlela yokumazisa ukuthi ugcina unganeliseki. Kumele kodwa ube nobunyoninco ngoba uma lokhu ungakusho budlabha, kungalimaza ukuzethemba kumuntu wakho. Okungenani ungamtshela ukuthi uluthokozela kakhulu ucansi naye, ngaleyo ndlela ufisa ukuthi asandise isikhathi sokukuthokozisa ngokuthi azibambe angasheshi aye emajikeni kaThoko.
*Ukuzama izinto ezintsha
Izitayela ezintsha bakwethu zizameni angabi khona ozobuza omunye ukuthi lesi usifundephi ke, ukuze uthando lwenu lube mnandi. Zijwayezeni nokuzama izinto ezintsha niphume niye nasezindaweni eningakaze naya kuzo nifike nizijabulise kuzo ngocansi.
Ozizwa efuna ucansi ngaleso sikhathi akabe nomnyakazo noma ngabe owesifazane. Uma uzizwa ukuthi ulangazelele ucansi, qala nawe dadewethu uyabule isoka lakho ungaze ulinde ukuthi kuqale lona. Elawini likaMagumede sikhuthaza abantu ukuthi bazijwayeze ukuxoxa ngezihloko ezithinta ucansi uma bethandana ukuze bazane kangcono ukuthi umuntu wami ujatshuliswa yini nokuthi umuntu wami uthanda ukumuncwa kanjani imomozi, abesifazane abakhombise amadoda iG-spot ukuze izinto zizoba lula.Ucansi olokuthi nijabulisane nomathandana wakho yingakho kufanele nifinyelele kuvuthondaba nobabili.
Abantu besifazane abazijwayeze nabo ukukhuthala embhedeni bangayekeli konke emadodeni ngoba nabo bayaluthanda futhi bayaluthokozela ucansi. Asingenzi sengathi ucansi olwamadoda kuphela okanye iwona kuphela alufunayo, uma eyogeza hamba naye umshefe umbhucunge uthintathinte namabhola akhe uwabuke uwatwanyaze. Unganqeni nawe ukumcela nje kungonakele lutho. Khumbulani, uthando lwenu nizozenzela lona, akekho ozolwenza lube mnandi.