Umbuzo
MaGumede, ngingubhuti osekhulile ofuna ukulobola umuntu azwana naye kwazise sesinesikhathi eside sindawonye kanti neminyaka iyahamba, ayimile. Ngiyamthanda kodwa inkinga ekhaya abamfuni ngoba uyile nhlobo yomuntu ongabhedelwa manje bathi ekhaya ngizobalethela umuntu ozobahlukumeza. Ngicabanga ukuthi ngimlobole bese sizakhela umuzi wethu, angahlali ekhaya. Ngidinga izibusiso zikamama ukuze konke lokhu kube yimpumelelo kodwa manje umama (ehlangene nodadewethu) abayizwa nhlobo indaba yalo muntu. Bathi kungani ngashiya umama wengane yami ngoba wayelungile futhi ehlonipha. Ngicela ungibonise ngenzenjani?
Impendulo
Uma umthanda umuntu wakho futhi ubona ukuthi nguyena ubambo lwakho, asikho isidingo sokuthi utshelwe abanye abantu ukuthi yenzenjani ngaye. Uyindoda ukhulile, kumele uzithathele izinqumo ngokwakho njengoba usushilo nje ukuthi uzomakhela umuzi wakhe ningahlali kini. Uma umama wakho engafuni ukukunika izibusiso, kulungile ngoba kuyacaca ukuthi hhayi ngoba isithandwa sakho sinogcobho kodwa yingoba siyilo muntu wesifazane ongalali endleleni okuyinto ongeke uthi yimbi ngomuntu. Kucacile ukuthi bona bafuna umakoti abazokwazi ukumbhedela. Okusho nokuthi unina wengane yakho babekwazi ukumbhedela. Qhubeka nomuntu wakho umlobole, umshade bhuti ngoba nguwena omthandayo futhi nguwena omazi ukwedlula bona.