SEKUKANINGI ngithola abantu ekhasini lami ezinkundleni zokuxhumana becela ukuthi ngibafunise omaqondana abazimisele ngothando lweqiniso.
Anginankinga-ke nalokho ngoba wonke umuntu uyaludinga uthando lweqiniso, ikakhulukazi njengoba siphila emhlabeni okhungethwe inqwaba yezinkinga.
Inkinga yami ukuthi iningi labantu abasuke befuna ukufuniswa omaqondana bakubeka kucace ukuthi abatohozi ndawo.
Ngiyazi ukuthi nabo abathandi ukungasebenzi kodwa yiwona umsebenzi abangakawutholi okwamanje.
Abanye bayasho ukuthi bake basebenza waphela. Manje ngithi bengibona kungcono ukuthi uma usafuna amatoho ugxile kulokho ume kancane ukufuna umjolo kuze kube kuhlangana indaba yetoho kuyima ufuna umjolo-ke. Awukwazi ukufuna itoho nomjolo kanyekanye.
Isizathu salokho ukuthi umjolo nawo uyabiza udinga imali futhi iningi labantu abamthandi kahle umuntu ongatohozi.
Akukhathaleki noma ngabe owesilisa okanye owesifazane, kumele atohoze ukuze ajole ngokukhululeka.
Kubanzima kakhulu uma ungowesilisa ofuna umjolo ekubeni ungasebenzi. Ngiphinde ngize kulaba othola ukuthi ubesebenza, enomuntu athandana naye futhi kuhamba kahle, kodwa inkinga yaqala sekuphele umsebenzi wasala engenamuntu.
Loyo muntu usuke evele kade engakuthandi kodwa ubezifunela imali yakho yingakho ekushiyile njengoba usuphelelwe umsebenzi.
Umbuzo wami uthi ubani ozovuma ukuthandana nomuntu ongasasebenzi? Ningangizwa kabi angisho ukuthi abantu abangasebenzi abafanelwe ukuthandwa, kodwa ngithi kungcono uqale ugxile ekutholeni umsebenzi bese ubheka eyothando.
Emjolweni nakhona imali iyafuneka nkosi yami ukuze umjolo ubemnandi. Umjolo onendlala awubi mnandi, nixabana njalo ngenxa yokuthi nobabili nizixakekele.
Ngisho ngabe kuthiwa uyedwa otohozayo niyasokola ngoba lona osebenzayo ugcina esebona sengathi uyaxhashazwa yena. Asizijwayezeni ukungabi umthwalo kwabanye ngenxa yokuthi sifuna ukuthandwa.
Uthando luzoziqhamukela lona kodwa okwamanje awuqale ngalokhu okubalulekile empilweni yakho.
Thola umsebenzi ulungise impilo yakho, ungafiki emjolweni uswele ngisho into yokugcoba.
Kumnandi ukuba sothandweni uzazi ukuthi awuwona umthwalo walomuntu othandana naye. Uthando alubaleki, thola itoho kuqala ugcine ngokufuna uthando.
ELawini LikaMaGumede ungasilandela ekhasini lethu. Ku-Facebook ELawini LikaMaGumede Whatsap:0799771723