NABESIFAZANE bavumelekile ukuzicelela ucansi uma bezwa kufika isikhathi sendlala, esikhathini esiningi umuntu wesifazane uyasaba ukuqonda umlingani wakhe amtshele ukuthi uhashukile nokudala ukuthi iningi labesifazane lizithole seliququdwa yindlala yangezansi ekubeni linaye umuntu.
Image: FreePik
NABESIFAZANE bavumelekile ukuzicelela ucansi uma bezwa kufika isikhathi sendlala, esikhathini esiningi umuntu wesifazane uyasaba ukuqonda umlingani wakhe amtshele ukuthi uhashukile nokudala ukuthi iningi labesifazane lizithole seliququdwa yindlala yangezansi ekubeni linaye umuntu.
Ongoti bezocansi bathi akusilo ihlazo ukuthi owesifazane atshele uphathina wakhe ukuthi womele ucansi kodwa bathi lokho kwenza ukuthi nowesilisa abone ukuthi akusiyena yedwa othanda ucansi.
Yize kunjalo, abantu besifazane basabhekene nengcindezi yokusaba ukuzicelela ucansi kubantu babo ngenxa yokuthi amadoda amaningi ayamehlulela owesifazane ozicelela ucansi endodeni. Emasontweni adlule, ngike ngabhala ngokuthi abesifazane bakhala ngendlala yocansi nokuvela ukuthi ukusaba ukuzicelela ngenye yezinto ezidala indlala.
Bathi alikho ihlazo ekuqondeni uphathina wakho umtshele ukuthi namhlanje ulambele okuya ngezansi. Yize ekhona amadoda angamajaji kodwa iningi lamadoda liyakuthokozela lokho futhi kukhuphula nezinga lothando kubantu ababili abathandanayo.
Namhlanje ngifisa ukugqugquzela abesifazane ukuthi bayeke ukwesaba ukubika uma bezizwa belambile futhi ngifisa ukuyala nabesilisa "abangamajaji" ukuthi uma bekwazi ukujaja abantu babo uma bethi balambile, kanti bafisa bakhale kobani ngendlala?
Ngokocwaningo kuvela ukuthi kubantu besifazane abayishumi, bathathu kuphela abanesibindi sokutshela abantu babo ukuthi balambele ucansi.
Kwesinye isikhathi uma singabantu kumele sikwazi ukuhlukanisa izinto ezingamahlazo nezingewona. Uma nithandana, ngikholwa ukuthi ayikho into ephathelene nokuzijabulisa kwenu ekumele niyibize ngehlazo, kungaba yihlazo kanjani ukuxoxa ngocansi ekubeni nibe nilenza?
Ngikholwa ukuthi uma nithandana nivulelekile ukukhuluma nanoma ingani futhi ngikholwa ukuthi uma senivalile emnyango nivumelekile ukwenza noma ngabe yini ezonijabulisa ngaphandle kokuthi kubekhona ozokwehlulela omunye.
isikhathi esiningi indlala ibangwa ukusaba nokuzisokolisa ekubeni wazi kahle ukuthi wena ufunani nokuthi uthanda ukwenziwa kanjani, abanye abantu bagcina sebejola nabanye abantu emaceleni ababaqonda kangcono ngenxa yokuthi lo wakhe ekufanele engabe umqonda kangcono, akamnikezi ithuba. Kunalokho, uyamhlulela ambize ngamagama.
Dadewethu, yekela ukuzilambisa ekubeni unendoda kodwa qonda kumuntu wakho umtshele ukuthi namhlanje uhashukele ucansi, ukusaba ngeke kukusize ngalutho. Kodwa kuzokwenza ukuthi ulambe kakhulu. Uma ningase niqonde kahle ukuthi inhloso yokwenza ucansi ukuthi nina nobabili enilwenzayo nijabule nize nifike kuvuthondaba - engekho osala endleleni - ningakwazi ukuzicelela uma niludinga.
Akulona ijoka lowesilisa kuphela ukucela ucansi kodwa nawe dadewethu uvumelekile ukumehlisa uziphu uzikhiphele into yakho uyisebenzise ngoba niyathandana, amahloni nokwesaba akudingeki uma nifuna ukujabula ngempela. Ngakho-ke yekani ukuzisokolisa ekubeni ukudla kukhona phambi kwenu,
Nesizulu siyasho sithi "eyomile iyaziyela" ngakho ke akube njalo bantu besifazane. Asizijubeni sibavule oziphu sibasebenzise, uma ekuhlulela kulokho kuyobe kuchaza ukuthi ukhethe kabi,
Umuntu okuthandayo ngeke akujaje kodwa uzojabula ngoba uzobona ukuthi awunawo amahloni okufuna okungokwakho. Ngikhathele ukuzwa abesifazane bebalisa ngendlala yocansi ekubeni benamadoda. Ngicabanga ukuthi sekuyisikhathi sokuthi sizibambele mathupha nathi. Asingavumi ukunikela ngenkomo sijabulise umuntu thina sisale singajabulile,
Injabulo yakho ibalulekile dadewethu futhi uwena ozozakhela yona. Uma umlingani wakho engahambisani nalokho, kumele ahambe ashone ngoba phela ekugcineni kosuku sonke siyadinga ukujabula.
Okumele nikwazi ukuthi ngisho umuntu wesifazane ungamenzela konke umuphe ngisho imali imbala kodwa uma uhluleka ukumenelisa ocansini kufana nokuthi umosha isikhathi sakho. Bantu besifazane asizilungisele basiphe ngendlela esifuna ngayo, nikhumbule, "eyomile iyaziyela!"