Umzala ungidla izithende
Image: Sigciniwe
Umbuzo
MaGumede, ngingowesilisa futhi ngihlala komalume nomzala wami singabafana sibaningi kodwa yimina kuphela ozalwa indodakazi. Inkinga mina nomunye umzala wami esilingana naye sinokuxabana ngoba njalo uma ngithola intombi uyayifuna ayishele baze bajole impela. Empeleni nje wonke umuntu wesifazane engizwana naye ugcina elale naye nokuyinto engiphula kakhulu umoya. Manje angazi noma umina yini othola abantu abangenasimilo okanye uyena olwa nami? Sengicabanga nokuhamba komalume ngiyoqasha.
Impendulo
Kubukeka sengathi ikhona lento eniyibangayo wena ongayazi ngoba akekho umuntu ophile kahle ekhanda ongenza lento eyenziwa umzala wakho. Angazi mhlawumbe kukhona wena ongcono ngakho kunaye nokwenza ukuthi akusabe okanye mhlawumbe yena uzibona engcono kunawe noma ke labantu osuke uthandana nabo ubona ukuthi abakufanele wena bafanele yena. Ngisola sengathi ikhona lento akuhliphizela ngayo kuloyo muntu ukuze amthole. Ake uhlale phansi naye umbuze ukuthi ikuphi ngempela inkinga yakhe niyixoxe lendaba mhlawumbe uzowuthola umnyombo wayo.