Impilo Yabantu Ezothando

Sikhathazwa wudadewethu nomfowethu abalalanayo

Intatheli YeSolezwe|Published

Illustration of sexual harrassment. 20/04/02

Umbuzo

MaGumede ngicela ukubuza dadewethu sibhekene nenkinga la ekhaya. Umfowethu omdala ulala nodadewethu, sonke sizalwa umama oyedwa nobaba oyedwa futhi sikhulele la ekhaya sonke. Ubaba usashona sisele nomama kuphela. Le nto saqala sayizwa njengamahlebezi sangayikholwa futhi sayibuka njengombhedo wamanga kanti sizogcina sizitholele iqiniso. Kubizwe umhlangano womndeni umama wadinwa wabaxosha ngoba into abayishoyo ukuthi bayathandana futhi abazimisele ngokuhlukana. Ngibhala lana nje bakipitile kwenye indawo futhi abababonayo bayasho ukuthi impela bayizithandani zonyaka. Le nto iyamgulisa umama Nkosi yami, ngicela ukubuza ukuthi ilungiswa kanjani into enje?

Impendulo

Nibhekene nenkinga ngempela lapho ekhaya dadewethu. Kunzima ke ngoba abantu abakulo mhlola bona kubukeka bengayiboni inkinga. Kunzima ukuhlukanisa abantu abathandanayo ikakhulukazi uma beyizihlobo. Ngiyacabanga ukuthi kunzima kakhulu kumama wabo obazalayo. Akekho umzali ongalindela leli chilo. Engingakusho nje ukuthi bayekeni ngoba ngeke nibenze lutho futhi banitshela emehlweni ukuthi bona bayathandana. Ngebhadi badala la bantu futhi bayayazi into abayenzayo nokungelula ukuthi iqedwe omunye umuntu.Ezinye izinkinga sisi azibi nasixazululo, umvundla yiwona oyobanqanda phambili ngoba le nto iyichilo. Isintu asiyivumi nabaphansi futhi abayamukeli.