Impilo Yabantu Ezothando

Ngina-26, ngikhulelwe ingane ka-5

Intatheli YeSolezwe|Published

Owesifazane oneminyaka engu-26 uthi ukhulelwe ingane yesihlanu

Umbuzo

MaGumede ngikhulelwe ingane yesihlanu. Ngisemncane, ngineminyaka engu-26, bengihlela umndeni angazi ukuthi kwenzeke kanjani.

Okubuhlungu ukuthi zonke lezi zingane zinobaba abahlukene futhi bonke abazondli, ngisizwa imali yesibonelelo sikahulumeni futhi.

Okubuhlungu kakhulu nalena yesine isencane kakhulu inezinyanga eziyi-6 njengoba sengikhulelwe futhi.

Ngiyasaba ukuthi ekhaya ngizobabhekelwa wubani abazali bami ngoba sengibaphoxe kakhulu.

Ngicabanga ukusikhipha lesisu kodwa futhi ngiyasaba ngoba izinyanga sezimbili ngibona sengathi ngizoba nenkinga. Ngicela ungibonise ngenzenjani?

Impendulo

Wena sisi uyaganga okwangempela, angiqondi kungani uzibandakanya nocansi ekubeni usanengane encane kangaka.

Angikukholwa uma uthi ubuhlela umndeni. Uyaganga impela! udlala ngekusasa lakho nje kwaphela. Ngokwesintu, wena usemanzi, yonke into yakho isentekenteke.

Nomzimba wakho uyawugqilaza ngokukhulelwa njalo.Ukuhushula kuyilungelo lakho kodwa angikukhuthazi ukuthi ukwenze lokho.

Mhlawumbe kumele uvele uyovala inzalo ngoba uyofika eshumini lezingane uma kuhamba kanje.

Engikudabukela kukho wukuthi uyoqambe uthola umuntu ofuna ukukushada uyobe usunezinkinga eziningi. Impela kulokhu, angazi nami dadewethu.

Kumele uyikhulelwe ingane, umndeni wakho uzokuxolela vele awukho umgqomo wokulahla umuntu.

Ngokuzayo kuzomele uqikelele ngoba ukondla ingane kuyabiza futhi -ke asethembe ukuthi ubaba waleyo oyithwele uzoyondla yena. Ngikufisela inhlanhla.